I-Tokyo Sevens: Umdlalo omangalisayo wazo zonke izizathu ezingalungile

Lucky Sithole

INingizimu Afrika 14 (7) – i-Argentina 19 (7)

Okwesibili ezinsukwini ezine, abathandi bombhoxo baseNingizimu Afrika kudingeke ukuthi babhekane nesithombe esimbi seqembu labo elihlulwayo.

NjengangoMgqibelo lapho iB & I Lions ecekela phansi amaBhokobhoko, i-Blitzbokke iqale njengoba bekulindelekile. USelvyn Davids uthole i-try esetshenzelwe kahle. Kuyacaca ukuthi konke bekuhamba ngohlelo.

Kodwa-ke uGaston Revol wase-Argentina unikezwe ikhadi elibomvu – leso siqalekiso sombhoxo esisongela ukuqeda umdlalo ngazo zonke izindlela.

Kodwa kulokhu, ikhadi lisebenze ngenye indlela.

I-Argentina, ngabadlali abayisithupha kuphela, yangena emdlalweni ophawuleka kakhulu wabayisikhombisa oyoke uwubone. Esikhundleni sokwamukela okungenakugwemeka, abase-Argentina bathola ama-try amabili ngokulandelana okusheshayo. Futhi kungazelelwe i-Blitzbokke  bebeyisithupha kwabayisikhombisa.

Ukuhlikihla usawoti enxebeni, i-Argentina ithole i-try yesithathu.

Ngakolunye uhlangothi i-Blitzobokke, ivele yadideka yazithola ingenalo uhlelo lomdlalo noma umdlali ozoyiholela empumelelweni.

Ukunqoba okukhulu kwe-Argentina, okubeyihlazo ku-Blitzbokke.

Umthombo wesithombe: @ TeamSA2020

Izihloko zakamuva