I-thesis enobuhlakani yomfundi wase-UP imenze wathweswa iziqu ze-PhD

Dylan Bettencourt

Umfundi weNyuvesi yasePitoli (i-UP) ogama lakhe linguMichael Barnes umangaze abahloli nge-thesis yakhe yakwa-masters ebinobuhlakani obukhulu ebenze bamnika iziqu ze-PhD.

UBarnes, oyisazi sezulu kwa-South African Weather Service eKapa, uphothule izifundo zakhe ngoMandulo.

Utshele iphephandaba lenyuvesi, i-UP News, ukuthi akakholwanga ukuthi iziqu zakhe ze-master ziguqulwe zaba yi-PhD, okuyiziqu eziphezulu kakhulu.

“Angikholwanga. Cabanga nje ngokulungiselela umcimbi wokuthweswa iziqu zakho ze-masters bese ugcina usuthola iziqu zobudokotela. Abaphathi bami bezemfundo bathi bathokozile ngomsebenzi wami. Bajabule kakhulu,” esho.

I-thesis eyenziwe nguBarnes ibisuselwa ku-atmospheric dynamics futhi ithole ukunconywa okuphezulu kumhloli weNyuvesi yase-Oxford e-UK.

Umfundi wase-UP uthe ngesikhathi eqala ukusebenza ku-thesis yakhe ye-masters, waysewubonile omunye womsebenzi wakhe ushicilelwe emaphephandabeni adumile. Lokhu kubalulwe njengesinye sezizathu esenza ukuthi iziqu zakhe zinyuswe. 

UDkt Thando Ndarana, umqeqeshi kaBarnes ngesikhathi enza i-thesis yakhe, uncome lo mfundi ngokuzimisela emsebenzini wakhe nokuqeda iziqu zakhe ebe esebenza futhi.

“Okumangazayo ngohambo lukaMichael ukuthi ubesebenza njengomcwaningi ngokugcwele kwa-South African Weather Service, okuyinhlangano esebenza ngokomthetho,” kusho uNdarana.

Ekhuluma ngezinhlelo zakhe zesikhathi esizayo, uBarnes uthe ubheke amathuba angavela.

“Umsebenzi muhle lapha eKapa. Bengingalindele ukuthola iziqu zobudokotela. Ngakho-ke, okwamanje, angicabangi ngokuzayo emsebenzini wami. Ngizobheka amathuba uma eziveza ngokuzayo,” kusho udokotela osanda kuthweswa iziqu.

Umthombo wesithombe: @UniversityofPretoria

Izihloko zakamuva