Toby Shapshak
Ngesikhathi kuphazamiseka u-Facebook kanye no-WhatsApp amahora ayisithupha ngoMsombuluko, leli bekuyithuba kwamanye ama-app ukuba athole abantu – ikakhulukazi i-Telegram ethole abantu abayizigidi ezi-70 ngoMsombuluko.
Njengoba i-Instagram kanye ne-Facebook Messenger ubuphazamisekile, cishe abantu abayizigidigidi ezi-3,5 bebengazi ukuthi bazokwenzenjani njengoba bejwayele ukusebenzisa lama-app.
Umphathi we-Telegram uPavel Durov uthe i-app yabo ithole abantu abaningi ababhalisile baphinde bayisebenzisa”.
Ngesikhathi eqhubeka, uthe: “uyawamukela wonke amalungu amasha ku-Telegram, ipulatifomu yemiyalezo emikhulu kunazo zonke. Angeke siniphoxe njengabanye.”
I-Twitter iphinde yajoyina nayo ngokubhala umyalezo ohlekisayo, othi “Sanibonani nonke”.
UDurov uphinde wathi “uyaziqhenya ngethimba lakhe indlela abasebenzisane ngayo ngesikhathi abantu abaningi bebhalisa ku-Telegram ngoMsombuluko, basebenze kanzima ngoba azikho izinkinga esihlangabezane nazo.
Ukuphazamiseka kwe-Facebook kubangwe izinkinga zobuchwepheshe – kodwa kuvele ubungozi obukhulu njengoba kuvele kwacaca ukuthi ingxenye yabantu abaningi emhlabeni bathembele ku-Facebook.