Dylan Bettencourt
Izikhulu zezempilo e-Tanzania zikwenqabele ukusetshenziswa komuthi wendabuko obizwa ngokuthi i-Hemsha obukhangiswa ngokuthi ulekelela abesilisa uma benza ucansi.
Isinqumo sokuvala lo muthi siza ngemuva kokuthi kwenziwe uphenyo olukhombisayo ukuthi lo muthi awuphephile, kuchaza usihlalo we-Traditional and Alternative Health Practice Council uHamisi Malebo.
UMalebo uthe ukuhlolwa kwaselabhorethri kukhombisa ukuthi lo muthi uqukethe umuthi i-sildenafil, odume ngele-viagra.
Uqhube wathi lo muthi awuhambisani nemithetho yomkhandlu.
Umuthi oyimpushana osetshenziswa ukulekelela abesilisa kwezocansi wenziwa ngengxube yamaqabunga, izimpande namagxolo esihlahla so-mkongo.
Lo muthi olekelela abesilisa kwezocansi uthengiswa ngabakhiqizi abahlukene ngaphansi kwezinhlobonhlobo zamagama emikhiqizo. Izinkampani ezikhiqiza lo muthi othengwa kakhulu ziceliwe ukuthi ziwuhoxise ngokushesha emakethe.
UMalebo uthe ukusetshenziswa kwezinye izinhlobo zemithi noma zokwelapha ngaphandle “kokubhaliswa nokugunyazwa umkhandlu kuyicala”.
Lokhu akusona isiphetho kwabesilisa nabesifazane abebesebenzisa lo muthi e-Tanzania, njengoba izikhulu zezempilo zikhuthaza ukuthi kusetshenziswe ezinye izinhlobo zemithi yendabuko elekelela abasilisa kwezocansi.
Ngo-2020 izwe lagunyaza ukuthengiswa nokusetshenziswa kwemithi emihlanu emakethe okuhloswe ngayo ukulekelela kwezocansi.
Umthombo wesithombe: @MensPharmacy