Lubhalwe nguRazeen Gutta
Igoli elishawe uBreel Embolo wase-Afrika ilona eliwinise i-Switzerland emdlalweni wayo ne-Cameroon enkundleni yebhola i-Janoub emdlalweni wokuqala ovela ku-Group G weNdebe Yomhlaba ye-Fifa.
Njengoba bezingu-6000 izihlalo ezingenabantu e-AI Wakrah, e-Qatar, i-Cameroon ibizimisele ngokuthi ibe ngeyokuqala emaqenjini ase-Afrika ukuthi ishaye igoli kubuka umhlaba wonke kulo nyaka.
Uhlangothi lukaRigobert Song belinamathuba ancono kusaqalwa. UBryan Mbeumo ubebukeka eyingozi njengoba kusale kancane ukuthi ashaye igoli engakwesokunxele.
I-Switzerland kanye noXherdan Shaqiri bavalwe umlomo ngesiwombe sokuqala njengoba uhlangothi lukaMurat Yakin lungakwazanga ukubona umzamo ka-Andre Onana wokushaya igoli.
Bekunzima ukuthola ibhola futhi ne-Switzerland ize yakwazi ukuphaphama ngesiwombe sesibili, emuva kwemizuzwana nje kubuywe ekhefini kanti uShaqiri uwutholile umfutho.
Lo mdlali owayedlala kwi-Liverpool ufice u-Embolo engamakiwe endaweni yephenathi, u-Embolo wangapholisa maseko.
Njengoba azalelwa e-Cameroon, nobaba wakhe ezihlalela eNyakatho ne-Afrika, bekungekho ukubungaza kulo mdlali oneminyaka engu-25. Kodwake-ke akungabazeki ukuthi uphume enkundleni eziqhenya ngoba uyena owinise iqembu lakhe.
Njengoba i-Brazil isazodlala ne-Serbia, i-Swiss izongena kwi-Knockout inethemba lokuthi ithuba lokwenza kancono lisekhona.
Osesithombeni esingenhla: UBreel Embolo
Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup