I-Swallows isizilungisile izinkinga zezimali

Linda Ximba

I-Moroka Swallows edlala kwi-DStv Premiership igcine ivumile ukuthi ibenezinkinga zezimali ekupheleni konyaka odlule nokuholele ekutheni kubambezele ukukhokhelwa kwabadlali.

Ngesonto eledlule abanye abadlali be-Swallows batshele i-Scrolla.Africa ukuthi bebengenamali ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, ngemuva kokuthola uhhafu weholo labo elijwayelekile.

Laba badlali abangathandanga ukuthi kudalulwe amagama abo ngoba besaba ukuthi bazohlukunyezwa, bathe indaba yemali ingesinye sezizathu ezenza ukuthi i-Swallows ingadlali kahle kule sizini.

Njengamanje i-Swallows isendaweni yesi-14  kwi-Premiership, ngamaphuzu angu-14 ngemuva kwemidlalo engu-12 yeligi.

Samsung Galaxy 14G

USipho Xulu okhulumela i-Swallows  uthe “Izindaba zamaholo ziyalungiswa. Izinkinga ebezikhona ziyalungiswa futhi ngiyaqinisekisa ukuthi kunokumamatheka ekhempini yethu manje”. 

“Ungabashayela abadlali ucingo ukuze uqinisekise lokhu engikutshela khona”.

Echaza ngombango oqhubekayo nomakadebona odlala emuva, uVuyo Mere, obebanga imali ne-Swallows ngokunqamula inkontileka yakhe, uXulu uthe uMere uxoshiwe ngemuva kokutholwa enecala lokuthonya abadlali ukuthi badube iqembu.

“Ubenethuba lokudlulisa isinqumo kodwa angazi noma walisebenzisa yini lelo lungelo,” kusho uXulu.

UMere, ojoyine i-TS Galaxy, uphonsela i-Swallows inselelo yokuthi imkhokhele imali yezinyanga eziyisithupha ezisele kwinkontileka yakhe.

INyunyana yaseNingizimu Afrika yaBadlali bebhola likaNobhutshuzwayo  ikuqinisekisile ukuthi iyazi ngohlelo lukaMere lokuphonsela i-Swallows inselelo.

Scrolla World Cup Quiz