Sphiwe Masilela
URhulani Mokwena, umsizi womqeqeshi we-Mamelodi Sundowns ucabanga ukuthi balilungele iqembu lase-DR Congo, i-TP Mazembe.
UMokwena uthe ngokubuka imidlalo yezimbangi zabo, sebethathe umoya wokulwa nolaka wezimbangi zabo kodwa bakulungele.
“Bayiqembu elihle impela jikelele. Ngokuzivikela, banamandla. Siyibukile imidlalo yabo emithathu edlule,” uyasho.
“Badlala i-formation ka-4-4-1-1 futhi bayiqembu elinobuntu obuyinkimbinkimbi kakhulu. Banolaka kakhulu.”
La maqembu womabili azodlala emdlalweni we-CAF Champions League ku-Group B ngoMgqibelo e-Lubumbashi.
Ama-Brazilians azishaya isifuba ngokunqoba amahlandla amabili kulo mqhudelwano kanti i-Mazembe iya kulo mdlalo ngemuva kwemidlalo emibili eyidlale ngokulingana.
I-Sundowns, eyanqoba indondo ehlonishwayo yezwekazi ngaphansi kukaPitso Mosimane ngowezi-2016, ifike kusenesikhathi e-DR Congo ukuzojwayela imibandela.
“Uhambo belulungile. Isimo sendawo nesimo sezulu kusifanela. Besilindele amazinga okushisa aphezulu kodwa liguqubele futhi kunemvula encane,” kusho uMokwena.
“Kuzothokozisa ukubona ukuthi iyiphi indlela abayisebenzisayo ngoba badinga amaphuzu amathathu ukwedlula thina.”
Alikho iqembu lakuleli eselike lanqoba e-Lubumbashi. Irekhodi lithi ukudla kathathu ngokulingana nokuhlulwa kane.
Komunye umdlalo we-CAF Champions League, i-Kaizer Chiefs, okusamele ibhalise ukunqoba noma ukuthola amaphuzu kulo mqhudelwano, izodlala ne-Atletico Petroleos de Luanda emdlalweni okumele bawunqobe e-FNB Stadium uma bezogcina izifiso zabo ze-quarterfinal ziphila. I-Chiefs ihlulwe ngamagoli amane eqandeni yi-Wydad Casablanca yase-Tunisia yadlala ngokulingana ngeqanda eqandeni ne-Horoya FC.
Isithombe: @Masandawana