I-Sundowns ithole ithuba lokusayinisa umdlali we-Kaizer Chiefs osamisiwe

Menzi Magubane

I-Mamelodi Sundowns ilinde ngesineke ukuthi kuphothulwe izingxoxo zenkontileka ebhedayo phakathi kukaDumisani Zuma onenkinga ne-Kaizer Chiefs.

Lo mdlali umisiwe futhi kusakude ukuthi adlale kunoma yimuphi umdlalo waMakhosi kule sizini – noma umqhudelwano – ngenxa yokulimala edolweni akuthole ezinyangeni ezine ezedlule kanye nokuboshwa kwakhe ngesonto eledlule.

UZuma uboshwe ngoMgqibelo odlule ngezinsolo zokushayela ephuzile, usuku ngaphambi kokuthi i-Chiefs inqobe izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates ngamagoli amabili kwelilodwa. Futhi uma lokho kungenele, lo mdlali owake wadlala ku-Bloemfontein Celtic wabanjwa ehamba phandle sekushaye isikhathi sokubuyela ekhaya kuzinga lokuqala lomvalelo we-Covid-19.

Udedelwe ngebheyili yemali eyi-R1 000 ngalo lolo suku, kodwa izinkinga zakhe bezisakude ukuphela. NgoLwesithathu Amakhosi akhiphe isitatimende eqinisekisa ukumiswa kwakhe.

Lokhu kungenza abaphathi be-Chiefs bacabange kaningi ngokuqala izingxoxo naye.

“I-Kaizer Chiefs iphoxekile ngokuzwa ngezinsolo zokuziphatha kukaDumisani Zuma,” kusho isitatimende seqembu.

“Iqembu lizoqinisekisa ukuthi udaba luxazululwa ngokushesha”.

Kungenzeka yini ukuthi lesi isiphetho somshado kaMsholozi ne-Chiefs? Impela kubukeka sengathi kunjalo. Amahlebezi aveza ukuthi lo mdlali oneminyaka engama-26, ubekhuluma ne-Sundowns ngasese aMakhosi engazi, nokuyinto okuthiwa iyicasule kabi i-Chiefs.

I-Chiefs kukholakala ukuthi izimisele ngokuyelula inkontileka yakhe njengoba inkontileka yakhe izophela ngoNhlolanja wangonyaka ozayo, kodwa lo mdlali unqabile ukulula ukuhlala kwakhe ku-Naturena.

Kuyaqondakala ukuthi lokhu kwenqaba kungenxa yokuthi usevumile ukusayina inkontileka naMasandawana ngoMasingana.

Imithetho ye-FIFA ivumela abadlali ukuthi basayine izinkontileka nanoma yiliphi iqembu abalithandayo uma sebengene ezinyangeni zabo zokugcina eziyisithupha zenkontileka yabo neqembu abakulo ngaleso sikhathi.

Okunye okwenze i-Chiefs yakwamukela ukuhlulwa, isikhathi asichithe egumbini labagulayo. Selokhu ajoyina leli qembu esuka ku-Celtic ngowezi-2017, uZuma akakaze ahlale isizini yonke ngaphandle kokulimala isikhathi eside.

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva