I-Sundowns ithole abaqeqeshi ababili

I-Mamelodi Sundowns iqoke abaqeqeshi abayinhloko ababili abazongena esikhaleni sikaPitso Mosimane.

UManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena bamenyezelwe njengabaqeqeshi abasha ngoMsombuluko.

Bobabili bake baba ngabasizi babaqeqeshi bakaMosimane.

UMosimane wenze okushaqisayo ngesonto eledlule ngesikhathi ememezela ukuthi ushiya phansi isikhundla sakhe eqenjini lakuleli ngoba useyoba ngumqeqeshi weqembu lase-Egypt i-Al Ahly.

UMosimane uyihole i-Sundowns iminyaka eminingi, okubalwa kuyo nokuthweswa kwayo isicoco se-Champions of Africa ngowezi-2016 nokunqoba i-Premier Soccer League nezinye izicoco eNingizimu Afrika.

UMngqithi noMokwena bebeyingxenye yeqembu lobuchwepheshe elenza le mpumelelo.

Umnikazi we-Sundowns uPatrice Motsepe uthe ubezimisele ngokuqoka abaqeqeshi bakuleli kulesi sikhundla.