I-Sundowns ibuyele esicongweni ngemuva kokushaya i-Leopards

Menzi Magubane

I-Mamelodi Sundowns ikhuphuke ngamaphuzu amathathu esicongweni se-DStv Premiership ngemuva kokubuya ngegoli, eliyisizile yakwazi ukunqoba ngamagoli amabili kwelilodwa ekuhambeni ibhekene ne-Black Leopards edlalela izembe ngoLwesithathu.

Ompetha ababebambile baphoqeleke ukuthi badlale nabesilisa abayishumi imizuzu engaphezu kwengama-30 esiwombeni sesibili ngemuva kokuthi uMothobi Mvala ekhishwe ngekhadi elibomvu.

UMvala, obedlala njenge-centre backe kulo mdlalo, unikezwe ikhadi elibomvu ngokwenza iphutha elibi ngesikhathi edonsa ijezi likaRodney Ramagalela obezoshaya igoli. I-Downs ikwazile ukugcina umdlalo wayo wokungahlulwa kanti kule nqubo kunwetshwe igebe phakathi kwayo ne-Supersport United kanye ne-Swallows esihlangenyele indawo yesibili.

La maqembu womabili nokho ngalinye linomdlalo esandleni futhi njengoba ezodlala ngoMgqibelo, elizonqoba lizobhekana ne-Downs.

I-Sundowns iphoqeleke ukuthi ikhombise ubuqhawe bayo ngemuva kokusalela emuva ekuqaleni kwesiwombe sesibili. U-Ovidy Karuru ubeke i-Leopards phambili ngomzuzu wama-56. UPeter Shalulile ushaye amagoli amabili (emizuzwini engama-64 kanye nengama-95) ukunika iqembu elivakashile ukunqoba okubalulekile.

“Siqhubeka nokufaka amagoli ashibhile. Okokuqala besibhekene ne-Swallows manje kunamuhla,” kusho umqeqeshi uManqoba Mngqithi.

“Kungimangazile ukusibona sidlala kangcono ngesikhathi sishoda ngendoda eyodwa ukwedlula ngesikhathi sinabadlali abaphelele. Kodwa ngijabule ngomoya wokulwa wabafana, babuya bathola amaphuzu aphezulu.”

Ngaphambi kwalo mdlalo i-Sundowns ibisidlale ngokulingana emidlalweni emithathu. Kanti i-Leopards yona, elokhu isendaweni yesibili ukusuka phansi, bekungukuhlulwa kwabo okwesithathu kulandelana selokhu yanqoba idlala ne-Orlando Pirates emavikini amabili edlule.

Umdlalo weligi obekumele ube ngoLwesithathu phakathi kwe-Bloemfontein Celtic ne-Chippa United e-Dr Molemela Stadium umisiwe ngenxa yemvula enamandla.

Kwezinye izindaba i-Celtic ifake isicelo eNkantolo Yezokuxazululwa Kwezemidlalo (i-CAS) ngesinqumo se-FIFA sokubeka ukuvinjelwa kokudluliselwa kuleli qembu.

Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni kubikwa ukuthi ifake isimemezelo sokudlulisa unyaka owodwa ku-Celtic ngezinsolo zokwehluleka ukukhokhela lowo owayengunozinti uPatrick Tignyemb isamba esithile semali ngokuxoshwa kwakhe ngendlela engafanele.

UTingyemb wayisa i-Siwelele ku-FIFA ngokuxoshwa ngokungafanele eminyakeni emibili eyedlule ngaphambi kokujoyina i-Chippa United, kanti isikhulu se-Celtic uKhumbulani Konco manje ukuqinisekisile ukuthi lolu daba liku-CAS.

Izihloko zakamuva