I-Spain sizobhekisa amabombo ekhaya ngemuva kokuhlulwa i-Morocco 

Umqeqeshi we-Spain uLuis Enrique utshele abadlali bakhe ukuthi bazilolongele amaphenalthi angu-1 000 uma sebelungiselela umdlalo wabo ne-Morocco, kodwa abengakwazi ukuthi lokho kuzokwenza iqembu lakhe ligoduke.

Uma iNdebe yoMhlaba isifinyelela esigabeni somkhumulajezi kubalulekile ukuthi amaqembu aqinisekise ukuthi azilolonge ngokwanele ngisho nakumaphenalthi ngoba kuyenzeka umdlalo uphelele khona.

Alikho iqembu e-Qatar ebelizilolongela amaphenalthi okudlula i-Spain kodwa siphume singashayanga neyodwa ngaphandle kwemizamo yabo emithathu ngoLwesibili ebusuku.

I-Spain singene emzuliswaneni wamaqembu angu-16 nerekhodi elibi lamaphenalthi, kodwa u-Enrique ubenesu lokuvimba lokho ukuthi kungenzeki.

“Ngicabanga ukuthi bazilungiselele kulokhu engabatshela khona. Esikhathini esingangonyaka esidlule kwenye yamakhempu ethu ngabatshela ukuthi kufanele bafike lapha sebeshaye amaphenalthi okungenani angu-1 000,” kusho lo mqeqeshi we-Spain ngaphambi komdlalo.

“Uma ulinda uze ufike kulesi sigaba ukuze uzilolongele amaphenalthi angeke lokho kusalunga. Lesi kusuke sekuyisikhathi sokubonisa isibindi sakho nokubonisa ukuthi uwalangazelele kangakanani amaphenalthi.”

Kodwa-ke, ngaphezu kwenani elikhulu lamaphenalthi i-Spain sihlulwe sesikhahlela iphenalthi yesine eNdebeni yoMhlaba.

Izinkinga zingadlulela ngale kwamaphenalthi njengoba i-Spain sibe ihlazo eqenjini ebelibhekwe ngabomvu ukuthi bazolihlula.

Ompetha beNdebe Yomhlaba ka-2010 bebephethe umdlalo ngo-77%, kodwa bakwazi ukuthola amathuba amabili epalini. 

Ukudlala ngokunganaki kwe-Spain kuvumele i-Morocco ukuthi ibe iqembu lesine kuphela lase-Afrika ukufinyelela esigabeni sama-quarter-final eNdebe yoMhlaba.

U-Enrique uqinisekisile ngekusasa lakhe kuleli qembu lesizwe lase-Spain.

“Ngeke ngisho lutho ngoba angazi,” kusho uLuis Enrique esithangamini nabezindaba ngesikhathi ebuzwa ngekusasa lakhe.

“Iqembu lesizwe linesikhathi salo futhi engingakusho ngijabule kakhulu ngeqembu lase-Spain, uMengameli kanye nomqondisi wezemidlalo. Ukube kuya ngami ngabe ngihlala impilo yami yonke, kodwa akunjalo.”

I-Spain kade sagcina ukudlula esigabeni somkhumulajezi selokhu sanqoba umqhudelwano wakuleli eminyakeni engu-12 edlule.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla ngesikaLuis Enrique eduduza abadlali bakhe ngemuva kokuhlulwa i-Morocco 

Umthombo wesithombe: @SeattleSports

Izihloko zakamuva