I-Spain sibhuquzise i-Costa Rica ngembudlu yamagoli

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Spain senze ezibukwayo ngesikhathi sihlula i-Costa Rica ngo 7-0 ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni wabo wokuvula weNdebe yoMhlaba e-Qatar.

Ompetha beNdebe yoMhlaba yango-2010 bebengabonwa njengezintandokazi ngesikhathi beya e-Qatar kodwa manje sebezobhekwa ngelinye iso ngemuva kokuhlula i-Costa Rica.

Igoli elihle likaDani Olmo lenze i-Spain sazihola phambili ngomzuzu ka-11 umdlalo uqalile futhi kuvele kwacaca ukuthi leli qembu lizoshaya amanye amagoli.

Yilokho kanye okwenzekile.

Ngemuva kwemizuzu eyishumi nje umdlali odlala kwi-Real Madrid, uMarco Asensio ushayele izwe lakhe igoli lesibili walibeka ekhoneni elingezansi kwesokudla epalini.

I-Spain besidlala kahle kakhulu kanti ngemizuzu engu-30 uFerran Torres ushaye washaya iphenathi.

Lo mdlali we-Barcelona uphinde washaya igoli ngemizuzu eyishumi kuqale isiwombe sesibili wenza i-Spain sahamba phambili ngamagoli amane.

Izinto ziye zaba zimbi kakhulu kwi-Costa Rica ngesikhathi umdlali osemncane we-Barcelona uGavi eshayela i-Spain igoli lesihlanu.

Kubonakale kuwubusuku obukhethekile kuGavi ongumdlali omncane kunabo bonke wase-Spain ukudlala kwiNdebe yoMhlaba.

Kodwa-ke ukushaya amagoli akuphelelanga lapho njengoba uCarlos Soler eshayele i-Spain igoli lesithupha ngemuva kokuthi uzakwabo kwi-PSG uKeylor Navas emnike ibhola elihle.

Ngesikhathi kubukeka sengathi i-Spain sesiqedile ukushaya amagoli, umgadli u-Alvaro Morata ushayele i-Spain igoli lesikhombisa.

Lokhu kuwina kuyisilinganiso esiphezulu se-Spain emlandweni weNdebe yoMhlaba.

Yize kuseseva, ukudlala kahle kwe-Spain kuzosibeka ethubeni elihle lokufinyelela kweyokugcina yalo  mqhudelwano.

I-Spain sizozethemba ukuthi singadlulela esigabeni somkhumulajezi kodwa kuzomele siwine uma sesibhekene ne-Germany noma i-Japan.

Bazobhekana neqembu elihamba phambili kodwa bazoba nethemba lokuthi bazowina ngemuva kokuthi i-Germany ihlulwe i-Japan ngo 2-1 ngoLwesithathu.

I-Germany kuzomele iwathole wonke amaphuzu amathathu uma isibhekene ne-Spain ngeSonto ukuze ukwazi ukuzibeka ethubeni lokudlulela kweyomkhumulajezi.

Ngokufanayo, kuzomele i-Costa Rica ihlule i-Japan ukuze yandise amathuba ayo okuphuma eqoqweni.

Esithombeni esingenhla: Umgubho weqembu lesizwe lase-Spain

Umthombo wesithombe: @Goal

Scrolla World Cup Quiz