Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- I-EFF ithembisa ukuthi ngeke iyiphazamise i-SONA kanti i-DA ithembisa ukulwela izinguquko kuhulumeni omusha wobumbano.
- UMengameli uzoveza izinhlelo zemisebenzi, ukukhula kanye nohulumeni ongcono enkulumweni yakhe ka-R6 million ephalamende.
Ngokokuqala ngqa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika balindele Inkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SONA) engenazixakaxaka njengoba bekuke kwenzeke kuleminyaka edlulile.
I-SONA yangoLwesine kusihlwa ingase ihambe kahle ngemuva kokuthi i-EFF ithembise ukuthi ngeke iyiphazamise inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa.
Iqembu elaziwa ngokudala isiphithiphithi kwi-SONA lithi lilindele ezinye izethembiso ezingekho kumengameli uma esekhuluma ngehora lesikhombisa ebusuku eKapa.
Okhulumela i-EFF uSinawo Tambo utshele abezindaba ukuthi bazoziphatha kahle yize bengalindele lukhulu kuRamaphosa.
I-DA, manje eyingxenye ye-Government of National Unity (GNU), ithi izolwa ingaphakathi ifuna imisebenzi nokukhula.
“Kungenzeka ukuthi singakutholi esikufunayo, kodwa sizoqhubeka nokulwela izinguquko ukuze kuthuthukiswe umnotho kudaleke namathuba emisebenzi,” kusho umholi we-DA uJohn Steenhuisen ngoLwesithathu.
Amalungu ePhalamende ngeke avunyelwe ukuphakamisa amaphuzu ngesikhathi senkulumo, kulandela isinqumo sePhalamende sango-2022 sokuvimbela ukuphazamiseka.
Le nkulumo umcimbi wokuyilungiselela obize -R6 million izogxila kakhulu kwi-A Nation That Works, For All futhi izoveza imigomo emithathu emikhulu ye-GNU: ukukhulisa umnotho, ukudala amathuba emisebenzi, nokwakha uhulumeni ongcono.
Ngesonto eledlule, uRamaphosa uhlangane nongqongqoshe nezikhulu eziphezulu kwi-Lekgotla yeKhabhinethi ukubheka inqubekelaphambili selokhu uhulumeni omusha uqalile ngoNtulikazi. Inkulumo yanamuhla ebusuku izohlanganisa abakuxoxile.
Ababengomengameli uThabo Mbeki, uKgalema Motlanthe, noJacob Zuma baphakathi kwezihambeli ezingu-2 000 okulindeleke ukuba zihambele lo mhlangano wokuhlangana kwePhalamende.
Osesithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa.
Umthombo: @CyrilRamaphosa