I-SIU izophenya ngokusetshenziswa budedengu kwezimali eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ongasekho eKZN, uDkt Meshack Radebe usalandelwa izinsolo zenkohlakalo mayelana nokusetshenziswa budedengu kuka-R200 million okwakuhloswe ngawo ukuqeda isomiso kubalimi esifundazweni.

Lokhu kwenzeke ngo-2015 nango-2016 lapho uhulumeni waseKZN noMnyango wezoLimo babesolwa ngokuphatha budedengu imali eyabelwa ukusiza abalimi abakhahlanyezwe isomiso esibi.

Ukugunyazwa kwakamuva okwenziwe uMengameli uCyril Ramaphosa kuphiko oluphenya amacala ekhethekile i-SIU ukuthi luphenye amacala enkohlakalo eHhovisi likaNdunankulu kusukela ngo-2007 kuze kube manje kulethe ithemba elivuselelwe lokuziphendulela.

USotswebhu we-IFP kusiShayamthetho eKZN, uMnuz Blessed Gwala uthe bayalamukela uphenyo njengoba kuze kube yimanje akekho osaboshiwe ngokuduka kwezimali.

Ukholelwa ukuthi uphenyo luzoveza imiphumela yophenyo olwenziwa ngo-2012 ngesikhathi kusaphethe uRadebe, olwaveza ukuthi u-R60 million wemali yabakhokhi bentela okwakuhloswe ngayo ukusiza abalimi abasafufusa ayaziwa ukuthi yenziwani.

UNdunankulu uNomsa MaDube Ncube uthembise ukusebenzisana nabeSIU.
UGwala wethemba ukuthi lolu phenyo luzophinde lucacise ngezinsolo zokungahambi kahle nenkohlakalo kuMasipala waseMzimkhulu, ikakhulukazi mayelana nokulungiswa kwehholo lesikhumbuzo saseMzimkhulu.

Ezinye izinto ezikhathazayo uhlelo olungaphumelelanga lweLuwamba Project eNtambanana nezinsolo zenkohlakalo yamathenda okuphakela abantu ka-R20 million okuthinta izikhulu eziphezulu eHhovisi likaNdunankulu.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe Wezolimo ongasekho uDkt Meshack Radebe

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva