
Celani Sikhakhane
Uphiko oluphenya amacala akhethekile (iSIU) seludalule ukuthi lowo owayeNgungqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize wasebenzisa kanjani izinkampani eziyisithupha ezixhumene nomndeni wakhe ukuqola uMnyango wezeMpilo esebenzisa i-Digital Vibes.
Abaphenyi be-SIU baveze lezi zindaba ngoLwesibili ngesikhathi bevele phambi kwenkantolo.
Lezi zinkampani bezisetshenziswa njengezinhlelo zokukhwabanisa imali.
I-Digital Vibes ifake ephaketheni imali engu-R150 million yamathenda wezimpahla zokuzivikela (iPPE).
I-SIU ifuna ukuthi amathenda abekwe eceleni futhi lolu phiko lufuna nokuthi izinkampani eziyisithupha ezithintekayo zibuyekezwe ngamajaji.
Emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lukaMkhize e-La Lucia e-BnB kaNto ngenyanga edlule, lowo owayenguNgqongqoshe wezeMpilo utshele izihambeli zakhe ukuthi akahlanganise lutho nokukhishwa kwethenda ye-Digital Vibes.
Izinkampani ezithintekayo yi-All Out Trading, iTusokuhle Farming, i-Azwakele Trading and Projects, iSithokozile Khaliphile Mkhize kanye ne-Cedar Falls Properties.
Umqondisi we-Cedar Falls Properties nguDkt May Mashego Mkhize, owayenguNkosikazi kaNgqongqoshe.
I-SIU iveze ngaphambi kweNkantolo eKhethekile ukuthi inkontileka ye-Digital Vibes iwuhlelo lokuxhaphaza imali olwaluklanyelwe ukunika umndeni kaZweli Mkhize izimali ngesikhathi ivikela umndeni ekuziphenduleleni.
Kuvele nokuthi indodana kaMkhize uDedanimabhunu yahlomula kakhulu kule thenda.
Ithenda ye-Digital Vibes iqumbe uMkhize phansi ngesikhathi esula ngokuzithandela njengoNgqongqoshe wezeMpilo ngoNcwaba nyakenye.