Sizwe Sibiya
Ngemuva konyaka ogcwele kanye nezindondo ezingu-17, enye yamafilimu ahamba phambili ake aphuma eNingizimu Afrika ifakwe ku-Showmax.
Ifilimu ethi-Fried Barry – eyakhonjiswa okokuqala enkundleni yokusakaza yase-Melika i-Shudder ngoNcwaba ngo-2020 – izotholakala ku-Showmax kusukela ngoLwesine, ngomhlaka-19 kuNhlaba.
Ifilimu iqondiswe nguRyan Kruger owawina izindondo futhi ihlanganisa nomlingisi oseqophelweni eliphezulu u-Barry, ovuka kuphela ukuze abheme izidakamizwa futhi akhumbule izikhathi zakhe ezedlule. Kodwa uphoqeleka ukuthi aphile njenge-alien emhlabeni lapho athunjwa khona ngama-alien angempela.
I-Showmax imemezele lokhu ngoLwesibili, njengoba izimbangi zayo ezinkulu i-Netflix ikhiphe amazwibela efilimu ethi-Collision, eyashuthwa eMzansi. Lokhu kungemuva kwamasonto ambalwa isiqhwaga saseMelika sisakaze enye ifilimu yaseNingizimu Afrika, i-Silverton Siege, ngoSuku lweNkululeko.
I-Fried Barry iyifilimu yesibili yama-alien eyaziwa emhlabeni wonke eyenziwe eNingizimu Afrika ngemuva kwe-District 9. I-Barry inabalingisi abaseqophelweni eliphezulu baseKapa, okubalwa kubo uGary Green, odlala indawo yomlingisi omkhulu kwi-Barry. Umlingisi wase-Nigeria ozinze eMelika osewine izindondo, uHakeem Kae-Kazim, udlala indawo kaKingpin.
I-Showmax yakwa-MultiChoice iqophe abasebenzisi abangu-861,000 e-Afrika ngonyaka odlule, ngokombiko we-Statista wakulo nyaka e-Afrika.
Umthombo wesithombe: Showmax