I-Senegal ixosha amasosha ase-France

Lubhalwe nguRorisang Modiba

I-France ivumile ukukhipha wonke amasosha angu-350 e-Senegal ekupheleni kuka-2025 ngemuva kokuba uMengameli omusha efune ukuthi bahambe.

Amazwe amaningi ase-Afrika axosha amasosha ase-France njengoba ezama ukugqashula kumbusi wawo wangaphambili.

I-France izolanda wonke amasosha ayo e-Senegal ngoZibandlela ngemuva kokuthi uMengameli omusha wezwe lase-West Afrika ethe amasosha akwamanye amazwe akanandawo ezweni lakhe.

Cishe amasosha angu-350 ase-France azosuka e-Senegal abuyisele izikhungo zawo zempi. Womabili la mazwe avumelene nalolu hlelo ngoLwesithathu futhi azosebenzisana ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle.

UMengameli wase-Senegal uBassirou Diomaye Faye ucele i-France ukuthi isuse amasosha ayo ngoLwezi. Uthe ukuba nezikhungo zamasosha akwamanye amazwe kuphambene nenkululeko ye-Senegal njengesizwe.

Lesi sinqumo size ngesikhathi i-Senegal iqeda iminyaka engu-80 kusukela amasosha ase-France abulala amasosha amaningi ase-West Afrika ngo-1944.

UMengameli wase-France u-Emmanuel Macron ubhalele uFaye evuma ukuthi i-France yaba nephutha mayelana nokubulawa kwabantu.

Amazwe amaningi ase-Afrika ake abuswa i-France manje asephusha amasosha ase-France ukuthi aphume.

I-Chad ne-Ivory Coast sebevele bacele amasosha ase-France ukuthi ahambe.

I-Mali, i-Burkina Faso kanye ne-Niger baphoqa izinkulungwane zamasosha ase-France ukuthi ahambe ngemuva kokuthi amasosha abo ethathe ohulumeni bawo ngo-2022.

Lezi zinguquko zikhombisa ukuthi amazwe ase-Afrika agqashula kanjani ethonyeni le-France futhi azama ukuzimela.

Osesithombeni esingenhla: UJean-Baptiste Lemoyne uhlangane no-Amadou Ba, uNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Senegal, ukuze baxoxe ngobudlelwano bamazwe amabili kanye nezindaba zesifunda.

Umthombo wesithombe: @francediplo_EN

Izihloko zakamuva