I-Senegal iwine indebe kowe-Afcon

Dylan Bettencourt

Okwesithathu i-Senegal ikhombisa ukuthi iyakwazi ukudlala njengoba ihlule i-Egypt ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenalthi ukuze ibe ngompetha base-Afrika okokuqala ngqa emlandweni wezwe layo.

I-Lions of Teranga iphuthelwe kabuhlungu amahlandla amabili ukuthola i-Africa Cup of Nations ngaphambi kokuthi ibhekane ne-Egypt enkundleni yezemidlalo i-Olembe kowamanqamu womqhudelwano walo nyaka.

Kubukeka sengathi i-Senegal ihambe phambili ngomzuzu wesine ngesikhathi uSaliou Siss edlaliswa kabi ebhokisini le-Egypt  unompempe waseNingizimu Afrika uVictor Gomes walikhomba kwiphenalthi.

USadio Mane usukumele phezulu ukuze anikeze isizwe sakhe inhlansi yethemba lokuthi bangaba ngompetha base-Afrika, kodwa unozinti wase-Egypt, uMohamed Abougabal, wenze adume ngazo wahlenga iphenalthi.

I-Senegal ibiwuphethe wonke umdlalo kodwa ayizange ilithole igoli phezu kwayo yonke imizamo ebiyenza.

I-Senegal namanye amazwe omhlaba bebazi ukuthi uma umdlalo uqhubeka, maningi amathuba okuthi i-Egypt iyithathe indebe.

I-Senegal bekumele ingavumeli  ukuthi umdlalo uye kumaphenalthi. Kuze kube namuhla ebusuku, i-Egypt ibingakaze ihlulwe kumaphenalthi emlandweni wayo womqhudelwano futhi ibambe elinye lamarekhodi amahle kakhulu emhlabeni.

Kodwa-ke, ngemuva kwamahora amabili ebhola kanye namathuba amaningi, umdlalo uvele waya kumaphenalthi. U-Abougabal, oseshaye amaphenalthi amane kulo mqhudelwano, ubebukeka esenamandla.

Bekubukeka sengathi abaseNyakatho ne-Afrika bazoyiphakamisa okwesishiyagalombili le ndebe.

Kodwa ngokuhambisana nomqhudelwano we-Afcon walo nyaka, amarekhodi bekumele ephulwe futhi bekumele kuqoshwe umlando!

I-Egypt igeje amaphenalthi amabili ngesikhathi kukhahlelwa – okushiye ithemba layo kumuntu ogeje iphenalthi ekuqaleni komdlalo ukuze aqophele isizwe sakhe umlando.

UMane unyuke ngokuzethemba, wabheka phezulu emazulwini, akabange esalenza iphutha, wafaka ibhola engxenyeni engezansi kwesokunxele enethini wanikeze i-Senegal isicoco sayo sokuqala ngqa se-Afcon.

I-Senegal nomhlaba ngokufanayo izozijabulisa ngomqeqeshi wayo wendawo u-Aliou Cissé owabamba iqhaza kowamanqamu ahlulwa kuyo yomibili ngo-2002 nango-2019 – komunye umdlalo wayengumdlali kanti komunye wayenjengomqeqeshi, kodwa lo mqeqeshi ugcine ekwazile ukuthola indebe ngokuncomekayo.

Umthombo wesithombe: @Sporf

Scrolla World Cup Quiz