I-Scrolla.Africa ikhulise ukuthengiswa kwezincwadi zodayisa emgwaqweni

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

U-Ayabulela Nofemele ongumthandi wezincwadi oneminyaka engu-22 waseKapa, ​​ujabule kakhulu ngokwanda kokusekwa akutholile ngemva kokuba i-Scrolla.Africa ishicilele udaba ngaye nebhizinisi lakhe.

U-Ayabulela waqala ukudayisa izincwadi emgwaqeni ngoba wayehlangana nabantu abaningi ababethanda ukufunda kodwa ababengakwazi ukufinyelela kalula ezitolo zezincwadi. 

Ubonge i-Scrollla.Africa ngokushicilela udaba lwakhe. 

“Ngemuva kokuthi ngidume emphakathini ngodaba ulubhalwe i-Scrollla.Africa ku-inthanethi, kuyangijabulisa ukusho ukuthi amakhasimende ami anyukile, futhi bengilokhu ngibuzwa imibuzo eminingi,” kusho u-Ayabulela.

“Kuyangijabulisa ukuhlonishwa nokukhuthazwa. Ngiyabonga kakhulu, futhi sengathi ningaqhubeka nibhale izindaba ezinhle. Ngiyohlala ngiyibonga i-Scrollla.Africa,” kusho yena.

U-Ayabulela onephupho lokuzakhela umtapo wolwazi ekhaya, udayisa izincwadi ngamanani aphansi ngezimpelasonto eThembokhwezi Square eMandalay kusukela ngo-10 ekuseni kuya ku-5 ntambama.

Ngemuva kokushicilelwa kodaba lwakhe, baningi abantu abamthintayo mayelana nezinhlobo zezincwadi azithengisayo. 

“Ngifuna ukwenza izincwadi zitholakale kalula futhi ngikhuthaze abantu, ikakhulukazi intsha, ukuthi ibambe iqhaza ezintweni ezifana nokufunda, izinkulumo-mpikiswano, nokuxoxisana ngezinto ezithinta umphakathi,” usho kanje.

“Ngibathumelela izithombe zezincwadi ezitholakalayo njengoba nginezincwadi ezihlukene. Sibe sesihlela umhlangano endaweni yomphakathi ukuze kulethwe izincwadi. Angithengiseli kuphela abantu baseMandalay. ”

U-Ayabulela uthe iningi lamakhasimende akhe ngabesifazane. 

“Nginamadoda athenga izincwadi, kodwa abathengi abaningi abesifazane,” usho kanje.

U-Ayabulela ungamthola ku-Facebook. 

Izincwadi zakhe zibiza kusuka ku-R45 kuya ku-R85, azikho ezibiza ngaphezu kuka-R100.

UThembisa Shete (45) uthole ngebhizinisi likaNofemele nge-Scrollla.Africa. 

“Kungijabulisile ukubona indaba yakhe kanye nesihloko esihle esimayelana neKapa. Abantu kumele bazi ukuthi idolobha aligcini nje ngobugebengu noma izinto ezimbi kodwa nabantu abafana no-Ayabulela abenza izinto ezinhle bakhona,” kusho yena.

Osesithombeni esingenhla: Ayabulela Nofemele.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva