Dylan Bettencourt
Ngemuva komhlangano noMengameli waseMelika uJoe Biden, uhulumeni wase-Saudi Arabia uvumile ukwandisa ukukhiqizwa kukawoyela.
Lesi sivumelwano siza njengoba amanani kaphethiloli enyuka emhlabeni wonke kanti kulindeleke ukuthi kunyuswe umkhiqizo ukuze kusimame imakethe.
Kodwa-ke, ukwenyuka komkhiqizo kuzoba okwenyanga kaNtulikazi nekaNcwaba kuphela ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zikaphethiloli.
“I-Saudi Arabia izibophezele ekusekeleni ukulinganiswa kwemakethe kawoyela emhlabeni wonke ukuze kukhule umnotho oqhubekayo,” kusho i-White House.
“Sikwamukele ukwenyuka komkhiqizo wafinyelela ku-50% ngaphezu kwalokhu obekuhlelelwe uNtulikazi noNcwaba.”
I-White House yengeze ngokuthi ukwenyuka komkhiqizo kungenye yezinyathelo ezimbalwa okufanele zithathwe ukuze kwehliswe intengo kaphethiloli.
Ngemuva kwezinyanga zokwenyuka kukaphethiloli kuleli, i-Automobile Association (AA) ibike ukuthi izokwehlisa intengo kaphethiloli ngoNcwaba.
Njengoba kubikezelwe ukuthi uphethiloli nodizili kuzokwehla ngenani lika-R1, i-AA ixwayise ngokuthi lezi zibalo zingashintsha ekupheleni kwenyanga.
“Lena yidatha yaphakathi nenyanga, futhi ukwehla kwentengo kungase kushintshe ngaphambi kokuthi kwenziwe ukulungiswa kwangoNcwaba,” kusho inhlangano esitatimendeni.
UBiden, izikhulu eziphethe, iSilo uSalman bin Abdulaziz al Said, iNkosana uMohammed bin Salman kanye noNgqongqoshe base-Saudi baphinde baxoxa ngeziphakamiso zamandla ahlanzekile.
Kusayinwe isivumelwano soHlaka lokuBambisana lokuThuthukisa Amandla Ahlanzekile ngokutshalwa kwezimali kwase-Saudi ukuze “kusheshiswe ukushintshwa kwamandla kanye nokulwa nemithelela yokushintsha kwesimo sezulu.”
I-White House yengeze ngokuthi lolu hlaka lugxile kakhulu ezinhlelweni zelanga, i-hydrogen eluhlaza, i-nuclear kanye nezinye izinhlelo zamandla ahlanzekile.
Umthombo wesithombe: @Reuters