Celani Sikhakhane
NgoLwesihlanu, abaholi be-Sasco ngaphansi kwegatsha likaSmiso Nkwanyane emagcakeni aseNyuvesi yase-Unisa eThekwini, bagubhe iminyaka engama-30 kwasungulwa le nhlangano yabafundi – kodwa bekungekhona ukugubha okusezingeni eliphezulu.
Ilungu eliphezulu le-Sasco, uMnu Sizwe Luthuli, utshele abafundi abebehambele lo mgubho ukuthi le nhlangano isilahlekelwe ubuyona ngenxa yamaphutha amaningi abawenzile njengabaholi.
“Sinezinselelo eziningi ezenze ukuthi i-Sasco ilahlekelwe ukusekwa ezikhungweni zemfundo ephakeme ngenxa yenhlangano yabafundi i-EFF. Ngisho nezinhlangano esisebenzisana nazo njenge-Young Communist League of the SACP kanye ne-ANCYL zisijikele. Futhi zingenela ukhetho ziphikisana nathi ezikhungweni eziningi,” kusho uLuthuli.
“Sekuyiminyaka eminingi singawanakile amalungu ethu wesilisa yingakho silahlekelwe ukusekwa”.
Uthe babebona abaholi ababengebona ngisho abafundi belethwa uma kunezingqungquthela futhi beqokelwa ukuhola i-Sasco.
“Labo baholi bahlezi belethwa ukuze kuqhutshwe izinhlelo zabanye abaholi. Sekuphele iminyaka siholwa ngabantu abangebona abafundi abangenandaba nezidingo zethu,” kusho uLuthuli.
UNobhala we-Sasco eKZN, uMnu Lucky Moloi, uxwayise abaholi be-Sasco ngokuthi uma beqhubeka nokuziphatha ngendlela engafanele angeke bakwazi ukuphinde bavuselele ukusekwa kwabo kwezepolitiki yabafundi.
Eminyakeni edlule i-Sasco ilahlekelwe ukusekwa ezikhungweni ezahlukene osekukade ziyisizinda sayo.
Lokhu kubalwa phakathi inyuvesi yaseKZN, i-Wits, i-Fort Hare, i-Zululand, iMangosuthu University of Technology, i-Durban University of Technology, i-Tshwane University of Technology, i-Free State University namanye amaningi okubalwa kuwo namakolishi angama-TVET.