Celani Sikhakhane
Abahlanzayo kanye nonogada abasebenzela i-KZN SAPS bakhonjwe njengamaqembu azohanjiswa phambili ekugomeleni ukhuvethe ukuze kuliwe nesibalo esiphezulu sabasebenzi abathelelekile.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uJay Naiker uthe inhloso yabo ukugoma amalungu abo abalelwa kwizi-30 000, ikakhulukazi labo abangaphansi kweminyaka engama-60 kanye nalabo abanezinkinga ezixakile.
“Abaphathi bethu baseKZN baqale uhlelo lokugoma ngoLwesibili e-Durban Central Police Station eholwa yiPhini likaKhomishani wesiFundazwe, uMajor General Phindile Radebe,” kusho uNaiker.
Uthe amaphoyisa angama-500 azogoma ngosuku lokuqala.
Ngemuva kwalokho, amaphoyisa azokwethula ezinye izindawo eziyi-11 esifundazweni njengoba kubhekwe ukugonywa kwabasebenzi abacishe babe yizi-30 000, okubandakanya ama-reservists, onogada kanye nabasafundela umsebenzi kanye namayunithi kazwelonke atholakala esifundazweni.
Cishe amalungu e-SAPS angama-600 avela kumayunithi ahlukene ashonile kuze kube manje ngenxa yokuhaqwa ukhuvethe kanti angaphezu kwezi-30,000 ahlolwe ukuthi analo.
I-SAPS isanda kulahlekelwa yiPhini likaKhomishani Kazwelonke, uLT Sindile Mfaz, oshone emasontweni amabili edlule.
UNaiker uthe baphinde bagoma amaphoyisa akwezinye izifundazwe ohlelweni lokugoma. Amaphoyisa azoba nesiza esisodwa esifundeni ngasinye kanti iTheku lizoba nezindawo ezimbili.
IPhini likaKhomishani wesiFundazwe, uRadebe owaba ngowokuqala ukugonywa, uthe: “Kuyasijabulisa ukuba sesimweni sokukhipha lo muthi kugonywe amaphoyisa. Sizoqhubeka nokufundisa amalungu ethu ngobuhle bokuthatha umuthi wokugoma,” kusho yena.
“Sicela abaphathi bawo wonke amazinga ukuba bahole lolu hlelo ngokukhuthaza labo abangase bangabaze.”
Umthombo wesithombe: SAPS