I-South African National Defence Force (i-SANDF) isiqinisekisile ukuthi amasosha azotshalwa KwaZulu-Natali nase-Gauteng.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko emini i-SANDF ithe isiqalile ngezinqubo zangaphambi kokuthunyelwa kwamasosha.
I-National Joint Operational and Intelligence Structure kubikwa ukuthi icele usizo kwi-SANDF ukusiza amaphoyisa kuzo zombili lezi zifundazwe.
“Isikhathi nenani lamasosha azothunyelwa kuzonqunywa ngokususelwa ekuhloleni isimo phansi yizikhungo ezifanele zomthetho,” kusho isitatimende.
Lena yindaba eqhubekayo.