Lubhalwe nguSihle Mavuso
I-South African Civic Organisation (Sanco) KwaZulu-Natal isixoshe lowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma njengoSihlalo wayo esifundazweni – ezinyangeni ezintathu nje eqokwe kulesi sikhundla ngaphandle kokuphikiswa.
Ukuxoshwa kukaZuma kumenyezelwe esithangamini sabezindaba ngoLwesihlanu eThekwini ngemuva kokuba isigungu esiphezulu se-Sanco esifundazweni (PEC) sihlangene ukudingida lolu daba.
UZuma waqokwa kulesi sikhundla ngoLwezi nyakenye kodwa waphuthelwa imihlangano yabaphathi nokuyinto evule igebe lokuxoshwa kwakhe inhlangano yomphakathi.
Ememezela lesi sinqumo uNobhala we-Sanco esifundazweni, uMnuz Sizwe Cele uthe asikho isidingo sokuthi kube nesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe kukaZuma ngaphambi kokuthatha isinqumo sokumxosha.
“UComrade Zuma… akafikanga emihlanganweni emithathu yokugcina yabasebenzi behhovisi lesifundazwe futhi akakaze athumele isixoliso esibhalwe phansi noma ngomlomo mayelana nalolo daba esigungwini esiphezulu sesifundazwe.
“Ikomiti eliphezulu lesifundazwe le-Sanco alibanga nayo enye indlela ngaphandle kokubheka ukuziphatha kukaZuma njengo kungaziphathi kahle futhi lokho kungaziphathi kahle kubhekwa njengo kuphuma esikhundleni.”
UCele uthe umthethosisekelo we-Sanco ucacile ukuthi uma abasebenzi bephuthelwe imihlangano kumele baxoshwe.
“UZuma uphunyukile, wasishiya, akayanga emihlanganweni futhi ngeke ngimangale uma efika ezophendula ngokususwa kwakhe ekubeni engezanga ukuzothamela lowo mhlangano wekomiti. Ngakho-ke, lesi sinqumo somthethosisekelo sicacile,” kusho uCele.
UZuma usekuMkhonto Wesizwe (MK) osabisa ngokuqeda impumelelo ye-ANC okhethweni KwaZulu-Natal naseGoli.
Esithangamini sabezindaba ememezela ngokuxoshwa kukaZuma, uCele ukhumbuze amalungu e-Sanco ukuthi umthethosisekelo wenhlangano ukubeke kwacaca ukuthi kumele baseke i-ANC okhethweni oluzayo futhi wayalela labo abaseka amanye amaqembu ezepolitiki ukuthi balungise izindlela zabo ngokushesha.
Esithombeni esingenhla: UJacob Zuma ongasesuye usihlalo we-Sanco KwaZulu-Natal.
Umthombo wesithombe: X