Moyahabo Mabeba
I-ANC ibhekene nezinsolo zokuthi bangaphezulu kuka-90% abangenele ukhetho ohlwini lweqembu lwamakhansela kamasipala esifundeni sase-Waterberg e-Limpopo ababhekane namacala obugebengu – angaphambilini noma aqhubekayo.
Lezi zinsolo sezifake uphiko lwesifunda lweqembu obishini, njengoba sekusele izinsukwana ukuthi lumemezele ngokusemthethweni uhlu lwalo lwamakhansela kamasipala.
NgoLwesihlanu, amalungu ale nhlangano ayengeneme, ebambisene nezinhlangano zomphakathi bame ngaphandle kwamahhovisi esifunda se-ANC. Basole abaholi babo ngokuphusha abantu abasuke bebhekene namacala obugebengu noma abake babhekana namacala phambilini.
I-South African National Civic Organisation (i-Sanco) ithe ikhathazeke kakhulu ngesibalo sabantu abangene ohlwini lwabazongenela ukhetho ababhekene namacala obugebengu ohlwini lokugcina.
“Kuyiqiniso ukuthi abantu abangaphezu kuka-90% abangene ohlwini lwabazongenela ukhetho ngabantu abanamacala obugebengu, kanti abanye baqamba amanga ngeziqu zabo,” kusho uTlou Sasa, usihlalo we-Sanco esifundeni.
“Njengamalungu akhathazekile e-Sanco, i-ANC, i-SACP kanye ne-Cosatu siyakugcizelela ukuthi labo abasuke bethweswe amacala kumele bahoxe ngokushesha kuhlanganisa nabadilize omasipala bethu”.
Umthetho wokuhoxisa ezikhundleni umgomo we-ANC owamukelwa engqungqutheleni yama-54 e-Nasrec ngoZibandlela ngowezi-2017 futhi ubulokhu ushisa izikhotha kwezombusazwe.
UMatome Moremi-Tauatswala, okhulumela i-ANC esifundeni sase-Waterberg, uchaze lezi zinsolo “njengenhlebo”. Abazoba ngamakhansela bacelwe ukuthi baye eziteshini zamaphoyisa ukuze kuqinisekiswe amarekhodi abo obugebengu.
“Uma kukhona umbiko oveza ukuthi u-90% wabethu abavotelwe ubhekene namacala obugebengu, uhlaka lwe-ANC esifundazweni luzositshela ngombiko ovela ezikhundleni zomthetho bese siwuthatha lapho,” esho.
“Nokho sifuna ukuyichitha inhlebo esakazwa iqeqebana le-Sanco eliholwa uTlou Sasa okungabazekayo ukuba semthethweni kwakhe ku-Sanco”.
UMoremi-Tauatswala uthe i-ANC ixoxisana nabazongenela ukhetho lwamakhansela kanti kulindeleke ukuthi ibe isiqede izinhlelo zayo ngoLwesibili, njengoba imikhandlu kulindeleke ukuthi iqale phansi mhla ziyi-19 kuLwezi.
Umholi womphakathi uMotlatso Selomo uthe ukungaboni ngaso linye kwe-ANC ngeke kugcine ngokuphazamisa ukusungulwa kwemikhandlu, kodwa kuzophazamisa nokuhlinzekwa kwezidingo kubantu.
Omasipala bendawo e-Waterberg bakhungethwe izinkinga zezezimali, inkohlakalo, ukungahambi kahle kwamathenda nokuntengantenga kwezombusazwe okuholele ekutheni kube nokuhilizisana phakathi kwamakhansela e-ANC.