Menzi Magubane
I-South African Football Association (Safa) isifezile isithembiso sayo kwiBanyana Banyana manje sekuyithuba likaNathi Mthethwa, kubhala uMenzi Magubane.
Umengameli we-Safa uDanny Jordaan uye wathembisa abadlali ukuthi uzobanika amabhonasi uma bebuya nesicoco se-Wafcon.
Ngesonto eledlule, i-Safa igcine isethembiso sayo yakhokha imali engu-R400,000 kumdlali ngamunye weBanyana Banyana ngemuva kokuthi bawine i-Africa Cup of Nations (Wafcon) yakulo nyaka e-Morocco.
Kodwa-ke, i-Safa bekungeyona yodwa ethembisile ukunikeza ompetha base-Afrika amabhonasi. UNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko uMnu Nathi Mthethwa – egameni lomnyango – uthembise u-R5.8 million.
UMthethwa uye wazibophezela esidlangalaleni ngesikhathi emukela abadlali beBanyana nendebe ye-Wafcon esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo.
Njengoba i-Safa isifeze isethembiso sayo, sekubhekwe uMthethwa kanye nomnyango wakhe ukuthi bazosifeza yini isithembiso sabo.
Ukukhumbuza umphakathi nje, lesi akusona isithembiso sokuqala uMthethwa nomnyango wakhe abake basenza.
NgoLwezi nyakenye wenza okufanayo ngesikhathi iqembu labesifazane leMamelodi Sundowns liwina isicoco sokuqala se-CAF Champions League.
Wathembisa leli qembu u-R1 million kodwa abadlali abakaze bayithole leyo mali namanje.
Nginesiqiniseko sokuthi ngeke elindise iBanyana Banyana isikhathi eside kangaka. Sekuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi, kodwa kufanele azi ukuthi isizwe sibhekile.
Mhlawumbe usebakhokhelile abadlali, kodwa ngiyethemba ukuthi i-Safa ibizokwazisa umphakathi ngalokho.
Ngakho-ke, silindele ukubona njengoba namanje sisalinde lokho akuthembisa abadlali beSundowns cishe ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule.
Umthombo wesithombe: @Kaya959