Dylan Bettencourt
Abantu bakuleli badumele ukuthola ukuthi i-South African Football Association (Safa) inikele ngemali engekho ngaphezu kuka-R35 000 kumdlali ngamunye emabhonasini atholwe iBanyana Banyana.
Ekuqaleni i-Safa yakha isithombe sokuthi izokhokhela abadlali imali yamabhonasi elinganiselwa ku-R9.2 million uma bebuya nendebe ekhaya.
Kodwa manje kuvele ukuthi i-Safa izokhokha u-R800 000 kuphela.
Imali esele engu-R8.4 million ingumklomelo ophuma kwi-Confederation of African Football (CAF).
Lokhu kushiye umunyu emlonyeni wabalandeli beBanyana Banyana abebekholwa wukuthi uMengameli we-Safa uDanny Jordaan uzokhokhela abadlali ngemali evela esikhwameni se-Safa.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uNathi Mthethwa usindise usuku ngesikhathi emangaza umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis ngesheke lika-R5.8 million; umvuzo wamaqembu, ithimba lezobuchwepheshe kanye nabasebenzi abasekelayo.
Umphathi we-Safa, uTebogo Motlanthe, uthe kwavunyelwana nabadlali ngohlelo lokukhokhelana ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano.
“Sivumelene nabadlali ukuthi bazothola u-R400 000 kanti bekunemithombo eminingi yokuthi le mali izophuma kuphi,” kusho uMotlanthe.
“Izingxoxo bezihamba kahle ngaphambi kokwenyuka, kodwa ibhonasi ibiyingxenye yalokho. Ukuhlukaniswa kwemali yomklomelo kuyingxenye yamabhonasi.”
Lo mphathi wengeze ngokuthi abadlali ngeke bewalinde isikhathi eside amabhonasi wabo.
“Njengoba bekuthenjisiwe, ukuzinikela ekukhokheleni abadlali lokho okubafanele kuzokwenziwa ngokushesha,” kusho uMotlanthe.
“Sivumelene nabadlali ngesikhathi mayelana nalokho ngaphambi kokuthi baye kulo mqhudelwano.”
IBanyana ihlule osokhaya i-Morocco ngo 2-1 kowe-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi iwina isicoco sayo sokuqala ngqa e-Afrika emdlalweni wayo wamanqamu wesithupha.
Amahlebezi ngemali yamabhonasi ye-Safa asuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba abaningi bebona sengathi iBanyana iphathwa ngendlela engafanele uma kubhekwa umlando wayo.
Umthombo wesithombe: @CAFWomen