Menzi Magubane
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, i-South African Football Association (i-Safa) isinqume ukungena odabeni lwe-Kaizer Chiefs ne-Premier Soccer League (i-PSL).
Njengoba i-Chiefs iqhubekile nokungayi emidlalweni we-DStv Premiership, i-PSL nayo ibingazi ukuthi yenzenjani ngokudelela kwaMakhosi, ngakho-ke i-SAFA inqume ukuthumela izikhulu ezizobhekana nalolu daba.
“Uma zingekho izincwadi ezisemthethweni okufanele zithunyelwe i-Premier Soccer League, izikhulu zizolandela inqubo ejwayelekile ethunyelwa i-SAFA,” kusho u-Abdul Ebrahim, umphathi wonompemoe be-SAFA
U-Ebrahim uthe bayazi ngokwenzekayo, kodwa abakwazi ukuthola imiyalelo kunoma iliphi iqembu mayelana nokuthi umdlalo ungadlalwa noma cha.
“Siyawuthola umdlalo, futhi senza okufanele, njengoba nabaphathi bomdlalo benenqubo abayilandelayo. Umdlalo uyaqhubeka ngaphandle uma sithola izincwadi ezisemthethweni zokuthi ngempela umdlalo uhlehlisiwe,” eqhubeka.
Amakhosi aphuthelwe imidlalo emibili ngenxa yokubheduka kwe-Covid-19 e-Naturena njengoba bengama-36 abadlali abathelelekile. Iqembu labo lokuqala alizange lidlale ngoMgqibelo odlule emdlalweni wabo wasekhaya bebhekene ne-Cape Town City kanti owakamuva bekumele bawudlale ngoLwesithathu ekuhambeni ne-Golden Arrows.
Le midlalo emibili ilahlekisele i-SAFA njengoba yabela izikhulu ezinhlanu kuyona yonke imidlalo ye-PSL. Unompempe womdlalo nabasizi bakhe ababili, isikhulu sesine kanye nokhomishana womdlalo.
Zonke lezi zikhulu ziyakhokhelwa ngokuhamba kwazo kanye nendawo yokuhlala ehhotela. I-SAFA ithumele izikhulu zayo emidlalweni emibili ye-Chiefs ehlehlisiwe njengoba bekuhleliwe kanti i-PSL ayizange iyitshele i-SAFA ngemidlalo emisiwe.
Khonamanjalo, kuzwakala ukuthi i-PSL ingase iqoke owayengumshushisi wayo uZola Majavu okwesikhashana. UMajavu ubambe isikhundla esifanayo ngaphambi kokuthi esule ngonyaka wezi-2011.
I-PSL ibinesikhundla ebesingenamuntu ngemuva kokuthi umshushisi wayo uNande Becker esule ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kushiye phansi isikhulu sakhe, uMichael Murphy.
Umthombo wesithombe: @Safa.net