Dylan Bettencourt
INhlangano yeBhola yaseNingizimu Afrika (iSafa) ihlose ukuthi kuqokwe iNingizimu Afrika ukusingatha owamanqamu wabesilisa nabesifazane we-Confederation of African Football (i-Caf) Champions League kanye ne-Afcon yabesifazane ngo-2024.
UMengameli we-Safa uDanny Jordaan umemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zokuthi iNingizimu Afrika isingathe le micimbi emithathu ehlonishwayo ye-Caf.
“Sikuvezile kwi-Caf ukuthi siyakulangazelela ukusingatha umdlalo wesibili we-Caf Women’s Champions League nokuthi kungaba kuhle kwi-Mamelodi Sundowns Ladies, abangompetha, ukuvikela isicoco sayo ekhaya eNingizimu Afrika,” kusho uJordaan ku-website ye-Safa.
INingizimu Afrika izobe inethemba lokuthi amaqembu ayo azoyimela kowamanqamu.
Ngesizini edlule ompetha base-Soweto i-Kaizer Chiefs ifinyelele kowamanqamu we-Champions League, kodwa yanenebulwa yi-Al Ahly.
Iqembu le-Mamelodi Sundowns Ladies liphume njengabawine okokuqala ngqa be-Women’s Champions League ngesizini edlule.
Kulo nyaka, nakuba lisaqala, iqembu le-Sundowns labesilisa liyakhombisa ukuthi linakho konke okuzolenza lihambe ibanga elide, lihlule i-Al Ahly kabili kweyamaqoqo kodwa lizibekisela indawo kweyomkhulajezi.
Owamanqamu wabesilisa uzodlalwa ngoNhlaba, kanti owamanqamu wabesifazane uzoba ngoLwezi.
UJordaan wengeze ngokuthi isigungu esilawulayo sizimisele ngokusingatha umcimbi we-Afcon wango-2024.
“Mayelana ne-Africa Women Cup of Nations, iBanyana Banyana isikwazile ukungena emqhudelwaneni ozoba e-Morocco ngo-2022,” esho.
“Bazoya e-Morocco, futhi siyethemba ukuthi bazongena kowamanqamu walo mqhudelwano. Nakanjani, kumele bangenele iNdebe yoMhlaba. Siyikhombisile i-Caf ukuthi sizimisele ngokusingatha i-Women’s Cup of Nations yango-2024,” esho.
Njengoba iNingizimu Afrika ihlose ukusingatha le micimbi emikhulu, umbuzo osemqoka usamile ukuthi abalandeli bazovunyelwa yini ukuthi babuyele ezinkundleni kule midlalo.
Umthombo wesithombe: @Sportskeeda