I-Safa ivimbele owe-PSL ekungeneleni esokuba ngumengameli weSafa

Menzi Magubane

I-National Executive Committee (NEC) ye-South African Football Association (i-Safa) isamile esinqumeni sayo sokuvimba noma imuphi uSihlalo we-Premier Soccer League (i-PSL) ukuthi angenele ukhetho lokuba nguMengameli we-Safa.

Lesi sinqumo sekunesikhathi eside sigxekwa ikakhulukazi njengoba sekungenele nabantu abasebancane abazongenela umbango wokuphonsa inselelo kuDanny Jordaan.

Amalungu amathathu e-Safa akhombise intshisekelo kanti azophonsela uJordaan inselelo kwesobuMengameli engqungqutheleni yokukhetha yenhlangano elawula ibhola e-Sandton Convention Centre ngomhlaka-25 ngokuNhlangulana.

Lowo owake waba iPhini likaMengameli uNomsa Mahlangu, nomphathi we-Safa uTshwane uNgoako Mohlabeng nomakadebona uRia Ledwaba baqokwe izifunda zabo.

Nokho uJordaan akazimisele ngokushiya lesi sikhundla njengoba ebheke ihlandla lesithathu.

Ngaphambi kokuthi kumenyezelwe amagama akamuva azophonsela inselelo uJordaan uSihlalo we-Chippa United uSiviwe Mpengesi ube ngowokuqala ukuphakamisa isandla. Nokho ngesonto eledlule izinqumo ze-NEC zamphoqa ukuthi awushiye umsebenzi.

“Ngesikhathi ngithatha isinqumo sokungenela ukhetho lwe-Safa engqungqutheleni ezayo bengingenaso neze isiqiniseko sokuthi ngingathola lesi sikhundla,” kusho uMpengesi esitatimendeni.

“Bekumayelana nokusebenzisana nabo bonke abaholi bebhola ukuthuthukisa ibhola.”

Uthe ngemuva kokuthi i-NEC ye-Safa inqume ukuthi osihlalo bamaqembu e-PSL ngeke bakwazi ukumela isikhundla sikaMengameli kumele abuyekeze uhlelo lwakhe.

“Ngemuva kokucabangisisa kahle nginqume ukuthi ngingabe ngisalungenela ukhetho. Ngithathe isinqumo sokuqhubeka nokusebenza nezifunda ze-Safa njengoba ngenza phambilini,” kusho uMpengesi.

UMpengesi akayena uSihlalo weqembu le-PSL wokuqala ukuvalelwa esikhundleni sokuba nguMengameli we-Safa.

Owokuqala kube nguSihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza naye owaphoqeleka ukuthi ahoxe kulo mjaho ngonyaka ka-2013 ephoqwa i-NEC.

Ukuhoxa kwakhe kudale ukuthi uKirsten Nematandani aqokwe njengoMengameli we-Safa ngaphandle kokuphikiswa kanti umphathi we-Pirates wazinza esikhundleni sokuba iphini likaMengameli.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva