Menzi Magubane
I-South African Football Association (Safa) iyichithile imibiko yokuthi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos wesulile esikhundleni.
NgoLwesithathu kusabalale imibiko yokuthi lo mqeqeshi wase-Belgium usesishiyile isikhundla sakhe waphindela kwelakubo.
Baphinde bathi umsizi wakhe uHelman Mkhalele uqokwe njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana.
Kodwa-ke isikhulu se-Safa, uTebogo Motlanthe uzichithile izinkulumo, wathi uBroos usayiqeqesha iBafana futhi bekuwuhlelo lokuthi emqhudelwaneni we-Cosafa nowe-African Nations Championship (Chan) kube uMkhalele umqeqeshi.
“Lezi zinsolo zingamanga futhi kuyakhathaza ukuthi zishicilelwe ngaphandle kokuxhumana ne-Safa. Lokhu kuziphatha kuyashaqisa,” kusho uMotlanthe esitatimendeni.
“Sekujwayelekile ukuthi umqhudelwano we-Cosafa nowe-Chan uphathwe umqeqeshi uMkhalele. Nyakenye ngaphambi kokuthi atheleleke nge-Covid-19 emqhudelwaneni we-Cosafa eNelson Mandela Bay, umqeqeshi uHelman ubeqeqesha iqembu.
“Kuwunya futhi akulona iqiniso ukuthi uBroos akaseyena umqeqeshi weBafana Bafana.”
Kodwa-ke uMotlanthe akazange achaze ukuthi kungani uBroos ebuyele ekhaya ngesikhathi iqembu lesizwe lidlala kwi-Cosafa Cup ngesonto eledlule eThekwini.
NgoMgqibelo iBafana izophinde idlale ekuhambeni ne-Comoros kowokuhlungela owe-Chan.
Umlenze wokubuya uzoba kuleli ngomhlaka-30 kuNtulikazi kanti nangaleso sikhathi uBroos uzobe engekho.