I-SAFA isimemezele ukuthi abalandeli asebejovile bazongena mahhala emdlalweni weBafana bafana

Dylan Bettencourt

Inhlangano yaseNingizimu Afrika yebhola (i-SAFA) isimemezele ukuthi bonke asebegomele i-Covid-19 bazongena mahhala enkundleni yomdlalo weBafana Bafana ne-Ethiopia njengoba bazobe belwela ukungena kwindebe yomhlaba mhla ziyi-12 kuMfumfu.

Umdlalo ozoba enkundleni yase-FNB uzoba ngowokuqala ezinyangeni eziyi-19 eNingizimu Afrika ukufaka abalandeli enkundleni.

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ngoLwesine ukuthi inani lokuhlangana kwabantu ngaphandle sekuvumeleke ukuba babe izi-2000 kulandela ukubuyiselwa kwezwe esigabeni sokuqala somvalelandlini.

I-SAFA ikhiphe isitatimende esithi bazongena mahhala enkundleni asebegomile, baphinde bathi umdlalo we-Kaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirate ozobe usenkundleni yase-Soweto Derby ufana nomdlalo obalulekile lapho khona abalandeli bangase bavumeleke ukungena ngaphakathi.

“Mayelana nokubuyela kwabalandeli enkundleni, i-SAFA NEC ithe ibhola kumele lidlale indima enkulu ekugonyweni kwabantu. Khonamanjalo, abalandeli abagomile kuphela abazovumeleka ukungena mahhala kulo mdlalo ozayo wokulwela ukungena kwindebe yomhlaba ngonyaka wezi-2022 ophakathi kweNingizimu Afrika kanye ne-Ethopia okulindeleke ukuba udlale mhla ziyi-12 kuMfumfu,” kufundeka isitatimende.

“I-NSL isithathe isinqumo sokusebenzisa i-Soweto Derby ukuze bagqugquzele abantu abaningi ukuba bajove. Uma abantu abajovayo bekhula, lokho kuzovula amathuba amaningi kumnotho wabantu abadayisa imkhiqizo yabo.”

Inkundla ethwala abantu abayi-90,000 kuzobonakala izihlalo ezingenamuntu emdlalweni weBafana Bafana njengoba kuzofakwa abalandeli abayizi-2000, kodwa kulindeleke ukuba bajabule kakhulu ikakhulukazi laba abangakaze babe senkundleni cishe iminyaka emibili.

INingizimu Africa inezinhloso zokubama indebe yomhlaba ngoZibandlela ngemuva kokuba i-Japan ebiqokiwe ihoxe.

“Imigomo ye-FIFA yokuba kubanjwe ithonamenti, ithi abalandeli kumele bavumeleke ukungena enkundleni. I-SAFA ibuka lokhu njengento ezosiza kakhulu ukugqugquzela abantu bathathe umjovo we-Covid-19 futhi basebenzisana nohulumeni ngalokhu ukuze kunyuswe isibalo sabantu abajovayo.

Inhloso yeNingizimu Afrika ukufika kwinani labantu abajovile abangamaphesenti angama-70 ngaphambi kokuba bavumele abalandeli babuyele enkundleni.

Babalelwa cishe kumaphesenti angama-21 abantu asebegome ngokuphelele eNingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva