I-Safa isashaya amakhala ngokukhethwa kwe-Morocco

Menzi Magubane

I-South African Football Association (i-Safa) isibhalele i-Confederation of African Football (CAF) ikhalaza ngezinhlelo ze-Liberia zokuyisa imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations yonyaka ka-2023 e-Morocco.

IBafana Bafana, i-Liberia ne-Morocco baku-Group K wokuhlungela umqhudelwano ozodlalelwa e-Ivory Coast ngonyaka ozayo.

I-Liberia ayinayo inkundla ehambisana nezinga le-CAF okuphoqa ukuthi imidlalo yayo yasekhaya iyiswe kwelinye izwe.

Ngokwe-Safa izinhlelo ze-Liberia zokuyisa imidlalo e-Morocco zizophambana nemigomo yokudlala ngendlela okuyiyo njengoba i-Morocco Football Association izohamba kancane futhi ithokozele ukuhlomula emdlalweni wasekhaya ukwedlula noma ngubani eqenjini.

“Sazisiwe ukuthi i-Liberia ihlose ukuyodlala imidlalo yokuhlungela amaqoqo e-Morocco kanti yona iseqoqweni elilodwa ne-Morocco,” kusho incwadi eya kuNobhala Jikelele we-CAF uVernon Mosengo-Omba.

“I-Safa iyaphikisana nalolu hlelo njengoba luphambana nomgomo wokudlala ngendlela efanele.”

Le ncwadi ithe i-Safa iyaziqonda izinselelo zezinkundla zezwekazi.

“Kodwa siyanxusa ukuthi zingasetshenziselwa ukucekela amathuba amanye amazwe noma ukuvuna amanye amazwe ngendlela engafanele,” kusho i-Safa.

Emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ka-2022 i-Sao Tome ne-Príncipe badlale imidlalo yabo yasekhaya neBafana eNingizimu Afrika ngenxa ye-Covid-19.

IBafana izoqala umkhankaso wayo wokuhlungela i-Afcon ka-2023 ngomhlaka-30 kuNhlaba.

Bazovakashela e-Morocco bese kuthi ngemuva kwalokho  bazokwamukela omakhelwane babo i-Zimbabwe.

Kungenzeka umqeqeshi uHugo Broos abize abanye abadlali uma esememezela iqembu lakhe elizodlala kule midlalo ngemuva kokulimala komdlali wasesiswini we-Kaizer Chiefs uKeagan Dolly.

UDolly kuthiwa uzohlala okungenani amasonto ayisithupha engadlali kanti kungenzeka aphuthelwe imidlalo yeBafana.

Ukaputeni uRonwen Williams naye akekho ngenxa yokulimala kanti usephuthwe imidlalo emithathu ye-SuperSport United kanti angase aphuthelwe imidlalo yeBafana Bafana.

Umthombo wesithombe: @HeadTopics

Izihloko zakamuva