I-Safa iphika uphenyo loKlebe enhlanganweni

Dylan Bettencourt

INhlangano yeBhola yaseNingizimu Afrika (i-Safa) imile kwelokuthi ayikaze ithintwe oKlebe mayelana nophenyo lwenkohlakalo eyenzeka enhlanganweni.

Umbiko we-Daily Maverick uthi isigungu esengamele ibhola eNingizimu Afrika siphenywa oKlebe mayelana nezinkinga zezimali ezithinta uMengameli uDanny Jordaan.

Isigameko esikhulu sibikwe yilungu lesigungu esiphezulu se-Safa, uWillie Mooka, osamisiwe, othe uvulele uJordaan icala ngezinsolo zokukhokha imali engagunyaziwe.

USihlalo wekomidi lokuziphatha le-Safa, uPoobalan Govindasamy, uthe isigungu esilawulayo asikaze sithintwe yiziphathimandla zendawo futhi uze wafunda kwabezindaba ngophenyo okuthiwa luyaqhubeka.

“Abantu babona izinto ngezindlela ezahlukene. Uma kunophenyo, into yokuqala ukuthi umphenyi akhulume nomuntu okufakwe isikhalo ngaye asilungise,” kusho uGovindasamy.

“Sibonile ezweni lakithi ukuthi lowo owayenguMengameli uJacob Zuma uphethwe kanjalo.”

I-Safa ithi ngokungafani noZuma abakaze bathintwe yiziphathimandla mayelana nophenyo.

Ubuze ukuthi kungani nayo i-Safa iphathwa kanjalo.

Yize i-Safa isamile kwelokuthi alukho uphenyo ngabo, okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivulelwe le nhlangano.

“Ngingaqinisekisa. Yebo, sinecala elivuliwe,” kusho uMogale.

Ilungu le-Safa kuzwelonke, uBennett Bailey, uthe izindaba zophenyo zibathusile ikakhulukazi ngemuva kokuthi le nhlangano ithole umbiko ongenasici ovela kwi-Sondlo Chartered Accountants.

“Sekuwunyaka wesibili wezimali siqhubeka nale nkampani. Okunye esikutholile okumele sikutshelwe wukungavumelani nabaphathi. Yilapho ohluka khona ngokwezibalo,” kusho uBailey.

Phambilini uMengameli uJordaan uke wasolwa ngokwenyusa amanani entengo yemisebenzi eyenziwayo ngalokho okwakuthiwa kusizakala yena kodwa uBailey wachaza ukuthi lokhu kubangelwa ukungaboni ngaso linye nabaphathi, hhayi amanani akhuphukayo.

Mayelana nezinsolo ezithinta ukukhwabanisa, uBailey uthe ucwaningo alubutholanga bufakazi bokuthi kukhona okungalungile.

“Babeka obala. Bathi ukuhlola kwethu akuzange kubuyekeze noma yiziphi izigameko zokukhwabanisa. Ngakho-ke, asigcinanga nje ngokuthola umcwaningimabhuku ongenaziqu, siphinde sathola ohlanzekile,” engeza.

I-Safa iveze ukuthi sebeqalile ukuhambela amacala abawabiza ngokuthi abafana abangcolisa igama labo.

Umthombo wesithombe: @SundayWorld

Izihloko zakamuva