I-SAFA ifuna ubulungiswa ngephenalthi enikezwe i-Ghana izolo emdlalweni wabo neNingizimu Afrika

Dylan Bettencourt

I-South African Football (i-Safa) ifuna kuphenywe ubulungiswa ngomdlalo wokugcina wamaqoqo ne-Ghana njengoba isinqumo esingundabuzekwayo samaphenalthi siholele ekutheni iBafana Bafana iphume iphele kweyokuhlunga.

I-Safa isinxuse izinhlaka ezilawula ibhola, i-FIFA kanye ne-Confederation of African Football (i-CAF) ukuthi baphenye ngalesi sigameko. Bafuna umdlalo uphindwe.

Unompempe uMoguetta Ndiaye wase-Senegal unikeze i-Ghana iphenalthi ngokudlalisa kabi uDaniel Amartey nguRushine De Reuck, kodwa ama-reuck aphinde aveza ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kwalaba badlali ababili ngesikhathi kugijinyelwa ibhola ekhoneni.

Isikhulu esiphezulu se-Safa, uTebogo Motlanthe, sithe bazolwa nalesi sinqumo njengoba bekholwa ukuthi kumele kwenzeke ubulungiswa ngesigameko sangeSonto ebusuku.

“Siye kukhomishana womdlalo uKachalla Babagana Kalli wase-Nigeria ngemuva komdlalo samtshela ngenhloso yethu yokufaka isikhalazo ku-FIFA naku-CAF mayelana nomdlalo,” kusho uMotlanthe.

Uqhube wathi bazobuza futhi baphikisane hhayi nje ngesigameko samaphenalthi, kodwa nokungenzi kahle kwethimba lonompempe.

“Sigebengwe emini kabha. Isijeziso bekungeyona yodwa inkinga. Sizobhalela i-FIFA ne-CAF incwadi esemthethweni ngoMsombuluko,” kusho uMotlanthe.

I-Safa izojuba ongoti ukuthi bawuhlaziye lo mdlalo bese beveza umbiko ogcwele ngokungabi nabulungiswa iBafana ebhekane nakho ngesikhathi ibhekene ne-Ghana bese bewudlulisela ezigungwini ezilawula ibhola ukuze kuphinde kudlalwe kabusha lomdlalo.

Isigameko esifana nalesi senzeka eminyakeni emine edlule ngesikhathi iBafana kwakumele iphinde idlale ne-Senegal ngesinqumo esingabazisayo uma kubhekwa indlela yaseNingizimu Afrika lapho unompempe agwetshwa khona udilikajele ngokunikeza iBafana iphenalthi ngokungeyikho.

“Sizosebenzisa umdlalo we-Senegal lapho i-FIFA isicele ukuthi siphinde sidlale ngenxa yesenzo sikanompempe, hhayi esethu. Umdlalo we-Ghana uyafana futhi sikholwa ukuthi ulungiswe ngezindlela eziningi. Siqoqa imininingwane ezosetshenziswa ukweseka udaba lwethu,” kusho uMotlanthe.

Amaqembu womabili i-Ghana neNingizimu Afrika iqede imidlalo yokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo ngamaphuzu ayi-13, kodwa i-Ghana yadlulela emzuliswaneni olandelayo ngenxa yokuhlohla amagoli amaningi kunozakwabo ngobusuku obube nzima eNingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe : @TimesLIVE

Izihloko zakamuva