Linda Ximba
Abakwa-Scrolla.Africa bathole kumthombo othembekile ukuthi i-Safa kungenzeka ikhethe umqeqeshi oshibhile uma isiqasha kabusha ozoqeqesha iBafana Bafana.
Yize imibiko yangaphambilini ikhombisa ukuthi lo soseshini wenza insalela yezigidi ezingama-R60 ngonyaka wezimali odlule, kukholakala ukuthi ucwila obhishini lwezikweletu.
Umthombo oyilungu le-Safa NEC, uyihlekile imibiko yokuthi bazoqoka umqeqeshi onamava wase-France uHerve Renard noma uHugo Henri Broos wase-Belgium ozothatha indawo kaMolefi Ntseki oxoshiwe.
“Angeke sikwazi ukuthatha umqeqeshi obizayo ngoba asikahle ngokwezezimali,” kusho umthombo.
“Simatasa nokudilizwa kwabasebenzi futhi kunabantu abathembise ngokuhambisa usoseshini enkantolo befuna izinqubo ezingafanele nezinye izinto.”
Uthe kunabasebenzi abangayitholi imali futhi okungenzeka bayithole uma sebeyeke emsebenzini.
“Sizoyithathaphi imali yokukhokhela laba baqeqeshi ababizayo baseYoruphu? Into esizoyenza, sizothatha umqeqeshi wakuleli kunalabo abavela ngaphandle kwemingcele,” kusho leli lungu le-NEC.
URenard, owaba ngumqeqeshi wokuqala ukuwina imiqhudelwano emibili ye-Africa Cup of Nations neZambia ngowe-2012 kanye ne-Ivory Coast ngowe-2015, njengamanje ungumphathi weSaudi Arabia.
UHenri Broos unomsebenzi ngemuva kokuba yibamba lemenenja kanye nomqondisi wezemidlalo e-Oostende. Phambilini uke waqeqesha iqembu lesizwe lase-Cameroon.
Umthombo wesithombe: @BafanaBafana