Celani Sikhakhane
Abaholi be-South African Communist Party (i-SACP) KwaZulu-Natali basole i-ANC ngokusebenzisa abantu besifazane nokubaxhaphaza ezimpini zayo zepolitiki.
Ekhuluma ngesikhathi kugujwa iminyaka eyikhulu kwasungulwa i-SACP e-Glencoe ngeSonto, uNobhala we-SACP esifundazweni, uThemba Mthembu uthe abesifazane kufanele baqaphele ukuhlukunyezwa okwenziwa yi-ANC ababhekene nakho.
“Basetshenziselwa ukudala uqhekeko enhlanganweni,” kusho uMthembu.
“Labo abesilisa abahlezi bethi balwela amalungelo abesifazane eqenjini yibona abaxhaphaza abesifazane ukudala uqhekeko eqenjini”.
UMthembu akazange acacise ukuthi abesifazane basetshenziswa kanjani.
I-SACP iphinde yakungabaza ukuba khona kwabesifazane ohlelweni lokukhethwa njengoba ezimweni eziningi abesilisa bevela njengabaphumelele ohlwini lwabangenele ukhetho.
“Sibonile ukuthi kuyo yonke imihlangano yamagatsha yokukhetha abazongenela ukhetho, abesifazane bahlezi behoxa. Ngicabanga ukuthi bayasongelwa noma kukhona okuthile. Yingakho sinabesilisa abaningi abangenela ukhetho kunabesifazane. Lokhu kumele kubhekwe ngokushesha,” kusho uMthembu.
Ugcizelele ukubaluleka kwe-SACP ku-ANC.
Baphinde basebenzisa usuku lomcimbi ukukhuluma ngodaba lokushoda kwamanzi esifundeni uMzinyathi lapho obekubanjelwe khona lo mcimbi.
Usihlalo we-Cosas, uJabulisa Mchunu uthe umasipala wesifunda uhlulekile ukufeza igunya lawo lokusatshalaliswa kwamanzi kanti nezikole zaseMsinga, eNquthu, e-Dundee, e-Glencoe nakwezinye izindawo zihluphekela ukuthola amanzi.
Isifunda saseMzinyathi sichaze ukuthi siyazama ukuxazulula izinkinga.