Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Yize i-ANC izama ukululama emiphumeleni emibi yokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba, ilungu lomfelandawonye wayo i-SACP idinwe ukuthi ibambisene ne-DA.
Ehlangene namanye namanye amaqembu amancane, i-ANC ne-DA akha uHulumeni woBumbano lukaZwelonke (GNU).
Abaholi be-ANC bahlangane izinsuku eziyisithupha ukuyokhuluma ngemiphumela engemihle yokhetho okwenziwe ukwehla kokwesekwa kweqembu lagcina lithola u-40% okhethweni lakamuva.
NgoMsombuluko, uNobhala we-SACP, uMnuz Solly Mapaila uthe bazoqhubeka nokungabaza isinqumo se-ANC sokufaka i-DA ngaphandle kokuzwa uvo lwabo.
“Ngesikhathi i-ANC ixoxa namanye amaqembu, satshelwa kuphela ngezinqumo esezithathiwe,” kusho uMapaila.
“Uma ulalela uHellen Zille ekhuluma esidlangalaleni siyabona ukuthi kunesizathu sangempela esenza sikhishwe emihlanganweni.”
Uthe i-SACP idinga ukuba nezingxoxo eziningi ngekusasa labo ne-ANC.
UMapaila uthe ukuhlubuka ku-ANC akuyona inhloso yabo njengoba kuzowenza buthaka imizamo yabo yokulwa nabaphikisana nabo.
Okhulumela i-ANC osabambile, uZuko Godlimpi uthe i-Cosatu ne-SACP abawona amakomidi amancane e-ANC futhi banemibono yabo.
Uthe bazoqhubeka nokubonisana ukuze bathole izinto abavumelana ngazo.
Osesithombeni esingenhla: UZuko Godlimpi.
Umthombo: UDoreen Mokgolo