I-SA Tourism izohlangana noMengameli mayelana nesivumelwano se-Spurs 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-South African Tourism (Sat) okukhulunywa kakhulu ngayo mayelana nodaba lwesivumelwano sika-R1 billion sokuxhasa i-Tottenham Hotspur isizodingida lolu daba noMengameliCyril Ramaphosa ngemuva kokususa umsindo ezweni lonke.

Inkontileka yesikhashana yeminyaka emithathu isayinwe phakathi kwe-Sat ne-Spurs; futhi uma konke kuhambe ngokohlelo lesi sivumelwani sizoqala ukusebenza ekuqaleni kwesizini yebhola ka-2023/24 ngoNcwaba kulo nyaka.

Lesi sivumelwano sizobandakanya uxhaso lwekhithi, ukwenziwa kwegama kwinhlolokhono, ukukhangisa ngosuku lwemidlalo, amakhempu okuqeqesha kuleli kanye nezimemezelo zokusebenzisana.

Kodwa-ke, ukuze konke kuqhubeke uNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu kuzomele aqale ahlangane noRamaphosa kuleli sonto.

Mhla zintathu kuNhlolanja uMengameli uthe akacabangi ukuthi “ukusebenzisa imali engaka ngendlela okushiwo ngayo” kuzolunga.

Kodwa-ke, ngokombiko we-BBC, uThemba Khumalo oyibamba le-Chief Executive kwa-Sat ukholelwa ukuthi isivumelwano sizoletha inqwaba yezivakashi ezweni. Lokhu kwenziwa ngenxa yokulandelwa okukhulu kwe-Premier League okubuye kunikeze inzuzo enhle ekutshalweni kwezimali.

Okhulumela uNgqongqoshe uSisulu uthe isimemezelo mayelana nalolu daba bazosenza ngemuva komhlangano noRamaphosa.

“Ibhodi lazise uSisulu ngokugcwele ngesivumelwano sangoMgqibelo. Okulandelayo manje ukwazisa uMengameli. Uzohlangana noMengameli ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, okuzolandelwa isimemezelo,” kusho okhulumela uMnyango uSteve Motale etshela i-News24.

Umthombo wesithombe: @spursofficial

Izihloko zakamuva