I-SA Rugby nezinguquko kwisizini ye-Currie Cup

Lubhalwe nguThathe Msimango

I-SA Rugby isimemezele ukulungiswa kabusha okukhulu kwesizini yebhola lombhoxo yasekhaya yango-2023 okuhlanganisa nokunwetshwa kwe-Currie Cup Premier Division.

Lokhu kuzokwenza ukuthi iGriffons eyathweswa isicoco sokuba ngompetha be-First Division nyakenye yamukelwe kwi-Premier Division esizoba namaqembu ayisishiyagalombili.

Imidlalo yokuvula ye-Currie Cup Premier Division izophinde iqale ngempelasonto mhla ziyishumi kuNdasa, kanti owamanqamu walo mqhudelwano uhlelelwe ukuba ngomhlaka-24 kuNhlangulana.

Amaqembu amane akuleli okuyiBlue Bulls, amaSharks, amaLions kanye neStormers abhekene nengwadla kwi-United Rugby Championship (URC) ezophela ngomhlaka-27 kuNhlaba. Lokhu kusho ukuthi abadlali bezifundazwe abasezingeni eliphezulu ngeke bakwazi ukubamba iqhaza kwi-Currie Cup njengoba izinsuku zemidlalo zifana.

Khonamanjalo, amaqembu ayisithupha akuleli azongena kwi-Currie Cup First Division ezoqala mhla ziyishumi kuNhlolanja futhi kamuva azojoyinwa amaqembu amahlanu aphesheya kwezilwandle uma sekuqala owe-Mzansi Challenge ngomhlaka-24 kuNdasa.

La maqembu ami kanje: i-Diables (Spain), i-Simbas (Kenya), i-Windhoek Draft Welwitschias (Namibia), i-Tel-Aviv Heat (Israel) kanye ne-Goshawks (Zimbabwe).

Wonke amaqembu angu-11 azongenela lo mqhudelwano emjikelezweni owodwa ohlanganisa owandulela owamanqamu kanye nomdlalo wokugcina phakathi namasonto angu-14 ozoba maphakathi noNhlangulana.

Ngesikhathi esifanayo, amaqembu ayisithupha akuleli azothola amaphuzu atholwe eqhulwini emjahweni wokuhlomula kwi-Currie Cup First Division. Iqembu elizoqeda elizoqeda linamaphuzu amaningi lizonikwa isicoco.

Khonamanjalo, kukhona amaqembu abesifazane ayisikhombisa kwi-Women’s Premier Division. Ompetha abavikela isicoco, iBorder Ladies, izobhekana neDHL Western Province, iEP Queens, iBoland Dames, amaBlue Bulls Women, iCell C Sharks Women kanye neMastercard Golden Lions Women.

Esigabeni esiphansi kuzodlala amaqembu alandelayo iLeopards, iValke, iLimpopo, amaPumas, iFree State, iGriffons, iGriquas kanye neSWD. Izinsuku ze-Women’s Premier Division ne-First Division zisazoqinisekiswa i-SA Rugby.

Umqhudelwano we-SA Rugby Cup wabangaphansi kweminyaka engu-21 uzoqala ngomhlaka-18 kuNcwaba, owe-U21 Shield mhla zizine kuNcwaba bese kuthi owe-Under-20 uqale ngomhlaka-17 kuNhlolanja.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva