Arthur Greene
Ngemuva kwezinyanga ezimbili zokulwa idolobha elivinjezelwe i-Mariupol empumalanga ye-Ukraine lisonqenqemeni lokuwela ezandleni zamasosha ase-Russia njengoba idlanzana lamasosha ase-Ukraine ezolwa okokugcina ezama ukuwina lempi.
Umkhuzi wase-Ukraine uthe ngoLwesithathu ekuseni amasosha abevaleleke e-Azovstal Plant azohlulwa kungakapheli amahora.
NgoLwesibili amasosha ase-Russia anikeze ibutho lase-Ukraine Azov Battalion amahora amabili ukuthi azinikele, kodwa kubukeka sengathi amasosha ayishaya indiva leyonkulumo.
Iphini likaNdunankulu wezwe lithi isivumelwano senziwe phakathi kwe-Ukraine ne-Russia ukuze kukhishwe izakhamuzi e-Mariupol ziphephile.
Kodwa-ke inqwaba yezakhamuzi aziphephile ezindlini ezingaphansi kwe-Azovstal Plant futhi akucaci ukuthi nazo zizovunyelwa yini ukuphuma ngokuphepha ngaphandle kwedolobha.
“Uma sibheka isimo esibi esibhekene nabantu base-Mariupol sizogxila kule ndlela namuhla,” iPhini likaNdunankulu u-Iryna Vereshchuk ebhale ku-Telegram.
USerhiy Volyna oyisikhulu esiphezulu se-36th Marine Brigade ovalelwe kwi-plant uqophe ividiyo yomzuzu owodwa lapho ethi amabutho akhe azohlulwa ngoba mancane kakhulu.”
“Mhlawumbe sibhekene nezinsuku zethu zokugcina uma kungewona amahora. Isitha singaphezu kwethu. Banakho konke amabhanoyi andiza phezulu, izikhali, baphethe yonke lendawo kanye nemishini yohlobo lombayimbayi,” kusho isikhulu.
UVolyna uyaqhubeka nokunxusa amazwe angaphandle ukuthi axoxisane ngendlela ephephile yokuya kwamasosha nezakhumuzi kwamanye amazwe.
“Sinxusa bonke abaholi bomhlaba ukuthi basisize. Siyabacela ukuthi basebenzise izinsiza zabo ukusikhipha lapha basiyise endaweni yezwe lesithathu.”
Uma indawo enkulu ye-Soviet-era plant ekugcineni iwela emabuthweni ahlaselayo i-Russia iyolawulwa ngokuphelele yi-Mariupol. Ezinyangeni ezimbili ezedlule alikho idolobha e-Ukraine elike lahlaselwa ngamabhomu ngaphezu kwalokhu.
Iziphathimandla zase-Mariupol zilinganisa ukuthi zingu-20,000 izakhamuzi ebezingabulawa selokhu i-Russia yaqala ukuhlasela kwayo ngomhlaka-24 ngoNhlolanja.