I-Russia ne-Ukraine nesivumelwano sakolweni

Dylan Bettencourt

I-Russia ne-Ukraine isifike kwisivumelwano sokuphinda ivumele ukuthunyelwa kukakolweni emazweni angaphandle ukuze kukhululwe i-Afrika ebhekene nezinkinga zokukhuphuka kwentengo yokudla ezitolo.

Lesi sivumelwano sizovumela izigidi zamathani kakolweni ukuthi athunyelwe kwamanye amazwe asuke endaweni yase-Ukraine ebibhekene nenkinga yokuhlaselwa i-Russia kusukela ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

Ukuvinjwa kokuthunyelwa kukakolweni ovela e-Ukraine kubangele inkinga yokudla emhlabeni wonke kanye nokushoda okuthile kwemikhiqizo esekelwe ukolweni njengesinkwa ne-pasta kanye namafutha okupheka.

Ukushoda kukakolweni kukhuphule amanani okudla emhlabeni wonke futhi kwandise indlala enkulu emazweni ase-Afrika athembele kumkhiqizo ovela e-Ukraine nase-Russia.

Elakuleli lingelinye lamazwe athwele kanzima kanti uMengameli uCyril Ramaphosa usamukele isivumelwano.

Uthe ukushoda kukakolweni kwenze abaholi base-Afrika bakhathazeka ngekusasa lokuhlinzekwa kokudla.

“Ukuqhubeka kwethu nokuthembela kwinani elikhulu likakolweni elivela kuleyo ngxenye yomhlaba kufanele kubonakale njengengozi futhi kuyingozi yangempela kubantu base-Afrika abangu-1.3 billion. 

Kumele sibone le ngxabano njengendlela yokusiphaphamisa,” kusho uRamaphosa.

UMengameli ujoyinwe nguMengameli wase-Ivory Coast u-Alassane Ouattara othe i-Afrika kumele ibe phezulu ohlwini lwabazothola ukolweni.

“Sakhuluma noMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky ukuthi sifuna ukuthi imikhiqizo ifike e-Afrika kuqala ngenxa yomnotho wayo ontekenteke kanye nesimo senhlalo emazweni amaningi,” kusho uMengameli wase-Ivory Coast 

Kodwa-ke isivumelwano  sanqanyulwa ngesikhathi indawo enkulu i-Odesa iqhunyiswa ngebhomu ngemuva kosuku kusayinwe isivumelwano.

“Isitha sihlasele indawo yokuhweba yasolwandle i-Odesa ngemicibisholo ye-Kalibr cruise imicibisholo emibili yadutshulwa ngamasosha okuvikela emoyeni yashaya ingqalasizinda,” kubhala i-Operational Command South yase-Ukraine ku-Telegram.

I-Russia iphikile ukuthi iyona enecala kulokhu kuhlasela, kodwa ikusasa lesivumelwano alikacaci.

Uma kuqhubeka i-Africa izohlomula kulesi sivumelwano njengoba lesi sifunda silwa nokushoda kokudla okubangelwa isomiso, i-Covid-19, ukuhlasela kwesikhonyane kanye nezingxabano zase-Ukraine.

Lesi sivumelwano sithathe izinyanga ezimbili ukuze siphothulwe futhi kulindeleke ukuthi sithathe izinsuku ezingu-120 kuphela uma kuzosungulwa isikhungo sokuqapha e-Istanbul esinabasebenzi beNhlangano Yezizwe.

UZelensky ukuqinisekisile ukuthi izwe lakhe linokolweni ongabiza u-R150 billion okufanele udayiswe, okuholele ekwehleni kukakolweni ngo-2% ngempelasonto.

Umthombo wesithombe: @WorldCrunch

Izihloko zakamuva