Dylan Bettencourt
Iziboshwa ezingu-11 ezisendaweni yase-St. Petersburg penal colony zivakashelwe amasosha zanikezwa isinqumo sokuzikhethela ukuthi zijoyine izwe lase-Russia ekuhlaseleni i-Ukraine ukuze bakhululwe emacaleni ababekwe wona.
Ngokusho kwe-Associated Press i-Moscow ifuna ukubusa nokulawula i-Ukraine futhi lokho ifuna ukukwenza ngosizo leziboshwa.
Amasosha ase-Russia abonakala enikeza iziboshwa zase-Ukraine ithuba lokweqa ezitokisini ngombandela wokuthi zizolwa empini ne-Ukraine.
Owesifazane okhethe ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe isoka lakhe lingelinye labesilisa abanikezwe lombandela.
Uthe isoka lakhe lasenqaba isicelo kulandela ukuthi abesilisa abayisishiyagalombili abathathwa bashone empini.
Umsunguli wenhlangano elwela amalungelo eziboshwa i-Gulagu uVladimir Osechkin uthe i-Russia iqasha iziboshwa okungenani ezifundeni eziyisikhombisa ezweni lonke.
Ubuye wengeza ngokuthi zibalelwa ku-1 500 iziboshwa ezibhalisele impi kusukela i-Russia yaqala uhlelo lokuqasha.
U-Osechkin uthe i-Russia yaqala ngokufuna iziboshwa ezinolwazi lwezempi, kodwa lokho sekushintshile manje bafuna noma ngubani uma nje ezovumelana nemibandela yabo.
Imibiko iveza ukuthi amasosha amaningi asebheke ukubuyela emakhaya njengoba engasafuni ukuthunyelwa e-Ukraine.
Amasosha ase-Russia awazithathanga kalula izicelo zawo nemibiko ephakamisa ukuthi labo abacele ukuphuma bavalelwe ejele.
I-Pentagon ithe i-Russia ilahlekelwe ngabantu ababalelwa ku-80,000 empini. Emzamweni wokuheha amasosha amaningi umbutho wamasosha usebenzise ibhonasi enkulu yokusayina engu-R84,000 kulabo abasha abazobuthwa.
Cishe u-70% wamasosha ase-Russia kuthiwa angamasosha enkontileka asebenza iminyaka emithathu futhi ahola u-R17,700 ngenyanga, ngokusho kwe-Washington Post.
Umthombo wesithombe: @RandCorporation