I-Russia isolwa ngokudlisa owe-Chelsea ushevu

Dylan Bettencourt

Umphathi we-Chelsea FC uRoman Abramovich ukhombise izimpawu zokudla ushevu ezingxoxweni zokuthula ebezise-Kyiv ngasekuqaleni kwenyanga.

Lo sozigidi nethimba elihola izingxoxo lase-Ukraine bakhombise izimpawu zokuthi badle ushevu njengoba kade sebexebuka nesikhumba.

Umbiko we-Wall Street Journal uthe ukudliswa ushevu bekuhlelwe yizikhulu zase-Russia ebezifuna ukucekela phansi izingxoxo zokuthula.

U-Abramovich ubambe iqhaza kakhulu emizamweni yokuthola ukuthula phakathi kwe-Ukraine ne-Russia kusukela kuqale ukuhlasela ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

Okhulumela lesi sigwili uthe nakuba u-Abramovich edlala indawo yomxazululi, usanalo iqhaza ezingxoxweni zokuthula.

Emizamweni yakhe, u-Abramovich unikeze uMengameli wase-Russia uVladimir Putin incwadi ebhalwe ngesandla evela kuMengameli wase-Ukraine, uVolodymyr Zelensky.

Ngesikhathi kungaziwa ukuthi ithini incwadi evela kuZelensky, uPutin uvele waphendula umyalezo ngokuthi “Batshele ukuthi ngizobatinyela.”

UZelensky uphinde wakuqinisekisa ukuthi u-Abramovich ubehamba phambili emizamweni yokusiza i-Ukraine.

“Ngokwazi kwami, ubesiza ophikweni lwezosizo olukhipha abantu e-Mariupol,” kusho uZelensky.

Umphathi we-Chelsea ujeziswe kanzima nguhulumeni waseBrithani ngokuxhumana kwakhe noPutin, nokuphoqa lesi sigwili ukuthi sidayise iqembu.

Iqembu lase-London alikathengiswa kanti uhlu olufushane lwabafuna ukulethenga luzoncishiswa ngomhlaka-11 kuMbasa.

Kuthiwa umndeni wakwaRicketts yiwona oyintandokazi ekubeni ngabanikazi abasha bompetha baseYurophu nasemhlabeni.

Lo mndeni uphinde ube ngabanikazi beqembu le-baseball lase-Chicago Cubs kumfelandawonye oholwa nguTodd Boehly, uMnu Martin Broughton kanye noStephen Pagliuca.

Njengoba i-Chelsea isabhekene nemiphumela yokujeziswa kuka-Abramovich, abalandeli bazobe benethemba lokuthola umphathi omusha ngokushesha okukhulu ukuze babuyele kokujwayelekile.

Umthombo wesithombe: @Bloomberg

Izihloko zakamuva