I-Russia isiphenduke inhlekisa ngokufuna ukusingatha owe-EURO 2028

Dylan Bettencourt

Umhlaba webhola umangele  ngesikhathi inyunyana yebhola yase-Russia imemezela intshisekelo yayo yokusingatha i-European Championship (i-Euros) yango-2028, naphezu kokuthi izwe livinjelwe emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe.

Kulandela ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja, iningi lezinhlangano zezemidlalo, okuhlanganisa i-Fifa ne-Uefa, zivimbe izwe ukuthi lingenele imiqhudelwano yazo.

Naphezu kokuvinjelwa, inyunyana yesizwe yebhola lezinyawo ibhale kwiwebhusayithi yayo ukuthi “iyasisekela isinqumo sokumemezela intshisekelo yokusingatha i-European Championship yango-2028 noma eyango-2032 e-Russia.”

Yize i-Russia ingakasihambisi isicelo esisemthethweni sokusingatha lo mqhudelwano, i-Uefa ixwayise izwe ngokuthi ukufaka isicelo esisemthethweni kungase kuholele ekutheni kuphinde kube nonswinyo.

Phambilini i-Russia ithe iyakuphikisa ukuvinjelwa okumenyezelwe i-Uefa ne-Fifa enkantolo yokulamula yezemidlalo.

Kodwa-ke inkantolo, inqume ukuthi ngeke izilalele izicelo ezivela e-Russia mayelana nemidlalo yabo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yalo nyaka, kodwa kusalindeleke ukuthi bakhiphe isinqumo sokuthi ukuvinjelwa kwe-Russia kusemthethweni yini.

I-United Kingdom ne-Ireland njengamanje baqhudelana ne-Turkey, i-Romania, i-Bulgaria, i-Greece kanye ne-Serbia emqhudelwaneni wokuthola amalungelo okusingatha umqhudelwano wango-2028.

I-United Kingdom ne-Ireland zibukeka ziyizintandokazi zokuthola amalungelo okusingatha umqhudelwano we-Euro olandelayo.

Kulindeleke ukuthi i-Uefa iqinisekise abazongenela i-Euro yango-2028 ngomhlaka-5 kuMbasa kanti kuzomenyezelwa owinile kulo Mandulo.

Umqhudelwano olandelayo we-Euro kulindeleke ukuthi udlalwe ngonyaka ozayo kulo lonke elase-Germany lapho i-Italy ezobhekana khona nenselelo yokuvikela isicoco sayo.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva