Ngemuva kokuthi izikole, izibhedlela kanye nezindawo zemidlalo yeshashalazi ziqhunyiswe ngamabhomu, i-Russia isiqonde ezinye izindawo okubalwa kuzo inxanxathela yezitolo edolobheni elisempumalanga ye-Kremenchuk.
Baningi abantu abashonile ngesikhathi abanye abangu-40 belimala ngesikhathi ibhomu lase-Russia lishaya inxanxathela yezitolo, ebinabantu abangu-1,000 abebengaphakathi ngaleso sikhathi.
Kusukela ngoMsombuluko ebusuku bayishumi abantu okuthiwa bashonile, kodwa lokho kungenzeka kwenyuke kakhulu njengoba imfucumfucu izosuswa ezinsukwini ezizayo.
Ukuhlaselwa kwesinye isikhungo ngamasosha ase-Russia ngoMsombuluko kwenzeke ngosuku lapho uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky abekhuluma khona nabaholi beqembu lezizwe i-G7.
“Lokhu kuhlasela okubi kuphinde kwakhombisa ukujula konya nobuqaba umholi wase-Russia azocwila kukho,” kusho uNdunankulu wase-UK uBoris Johnson.
Ugxeke uMengameli wase-Russia uVladimir Putin “ngonya nobuqaba” bakhe ngokucekela phansi indawo evamise ukuhanjelwa izingane nabantu abadala.
Le nxanxathela yezitolo ibisashunqa ngoMsombuluko ebusuku, ngemuva kokuthi abezicishamlilo abangu-115 balwe nokucima lo mlilo. Manje bathungatha abasindile emfucumfucwini.
Khonamanjalo, uZelensky utshele abaholi be-G7 ukuthi uyethemba ukuthi impi izophela “ngaphambi kokuthi kuqale ubusika” eYurophu ekupheleni kwalo nyaka. Abaholi be-G7 bathe bazokweseka i-Ukraine “kuze kube sekugcineni”.
I-Kremenchuk iyikhaya lesikhungo sokuhluza uwoyela esikhulu kunazo zonke sase-Ukraine kanti amasosha ase-Russia asesihlasele kaningi.
Izindaba ezibuhlungu zokuhlaselwa kwenxanxathela yezitolo azifikanga nje kuphela ngesikhathi uZelensky ekhuluma nabaholi bomhlaba, kodwa kwenzeke ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi i-Russia ibingakasikhokhi isikweletu sayo okokuqala emashumini eminyaka. Lokhu kubonakala njengophawu lokuthi unswinyo lunomthelela.
UJohnson wengeze wathi: “UPutin kumele abone ukuthi ukuziphatha kwakhe okubi ngeke kwenze lutho ngaphandle kokuqinisa ukuzimisela kwe-Ukraine nawo wonke amanye amazwe e-G7 ukuma ne-Ukraine kuze kube sekugcineni.”