I-Russia ihlasele inkulisa yase-Ukraine

Arthur Greene

Inkulisa yezingane ingenye yezindawo ezingu 20, okubikwa ukuthi zihlaselwe ngamabhomu ngoLwesine empumalanga ye-Ukraine, okudale ukwesaba nokuthi i-Russia ingahle ihlasele  izwe lase-Eastern European ezinsukwini ezizayo.

Lokhu kuhlasela kuqhutshwe iqembu elisesifundenu esifundeni sase-Ukraine esisempumalanga ye-Donbar abasekelwa uhulumeni wase-Russia.

Kulimale abantu ababili ngesikhathi kuhlaselwa inkulisa, kanti izithombe zikhombisa imfucumfucu yebhilidi elibhidlikile eliphakathi kwamathoyizi ezingane.

Amasosha ase-Ukraine athe isikole besiphakathi kwezinye izindawo ezicekelwe phansi.

UMengameli waseMelika uJoe Biden usexwayise ngokuthi lokhu kuhlasela kuzosetshenziswa njengezaba zokuthi i-Russia ihlasele.

“Zonke izinkomba esinazo zithi bakulungele ukungena e-Ukraine, bahlasele i-Ukraine … umqondo wami uthi kuzokwenzeka ezinsukwini ezimbalwa ezizayo,” kusho uBiden etshela izintatheli ngoLwesine.

Emasontweni ambalwa edlule cishe amasosha angu-150,000 ase-Russia abuthane emngceleni wase-Ukraine.

Uma uPutin ekhetha ukuhlasela, kuzobe  kuveza ukuhlasela komhlaba okukhulu kakhulu kusukela ekupheleni kweMpi yeSibili yoMhlaba.

Ungqongqoshe wezeMpi eMelika u-Anthony Blinken uthe ukholelwa ukuthi i-Russia angeke isebenzise izikhali “ezijwayelekile” uma iya empini. Lokhu kuye kwaphakamisa ukwesaba kokuthi izikhali zamakhemikhali, ze-biological, noma ama-nuclear weapons kungasetshenziswa ngokumelene nabantu base-Ukraine.

Kungakhathalekile ukuthi yiziphi izikhali ezisetshenzisiwayo, ukuhlasela kuzolimaza abantu base-Ukraine kakhulu, futhi kungenzeka kube yimbangela yokushona kwezinkulungwane zabantu.

Umthombo wesithombe: @Billbrowder

Izihloko zakamuva