I-Russia ibophe umholi wenkolo yobuntu othi yena unguJesu

Onogada be-Russian forces babophe obeyiphoyisa lomgwaqo obethi yena uyinzalo kaJesu.

USergei Torop ubelokhu ehola inkolo yobuntu e-Siberia eminyakeni engama-30 eyedlule.

Amaphoyisa aphethe izibhamu kanye namabhanoyi abambe umphamkathi wale nkolo, owazi uTorop ngelika “Vissarion”.

Iphephandaba i-The Guardian ibika ukuthi isekela likaTorop uVadim Redkim, owayengumshayi wamadilamu kwibhendi ye-Soviet-era, naye uboshiwe. Kunezinsolo zokuthi le nkolo iphanga abalandeli bayo imali iphinde ibalimaze.

Kowezi-1991 uTorop waqala umkhankaso, manje owaziwa ngokuthi inkonzo yetestamente lokugcina.

Kubikwe ukuthi abakhona kule nkolo kubalwa nezishoshovu kuzo zonke izinxenye zase-Russia kanye nezihambeli eziphuma kwamanye amazwe.

Izihloko zakamuva