I-Russia engcupheni yokuphucwa owamanqamu we-UEFA emva kokuhlasela i-Ukraine.

I-Gazprom Arena ese-St Petersburg angeke isasingatha imidlalo yamanqamu ngomhlaka-28 kuNhlaba.

Ibhodi elibusayo lase-Europe lizokwenza isinqumo esisemthethweni emhlanganweni walo ophuthumayo ngoLwesihlanu, ngokusho kwe-BBC.

Umhlangano ophuthumayo uzophinde udingide ngemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-Fifa ethinta i-Russia ne-Ukraine.

I-Russia ihlelelwe ukudlala ne-Poland ngomhlaka-24 kuNdasa, kanti i-Scotland izokwamukela i-Ukraine ngalo lolo suku.

Njengoba ukuhlasela kuqhubeka kuphazamisa imidlalo yebhola, ubungozi obubhekene ne-Ukraine kuphoqe iligi yasekhaya ukuthi ihoxiswe kulandela ikhefu layo lasebusika.

Samsung Galaxy 14G

Yize imidlalo yamazwe athintekayo ibonakala izomiswa, imidlalo ye-Zenit St Petersburg ye-Europa League izoqhubeka ngoLwesine ebusuku, kuqinisekisa i-Uefa.

NgoLwesibili, isigungu esilawulayo sihlanganile ukuze sidingide ukuthi kungenzeka yini ukuthi le ndawo ishintshwe bakhethe enye indawo.

“I-Uefa isiqaphile isimo kanti noma isiphi isinqumo sizothathwa ngesikhathi esifanele uma kunesidingo.

I-Uefa ayinakho okunye okumele ikusho okwamanje,” ngokusho kwesitatimende.

I-Wembley Stadium, e-London, e-England, kubikwa ukuthi ingase ibhekwe ekusingatheni le midlalo, kodwa ukungqubuzana kwezinhlelo kungase kuphoqe i-Uefa ukuthi ibheke kwenye indawo.

Ukususwa kwemidlalo ye-Champions League kuyinto esesiyijwayele kwi-Uefa njengoba amasizini amabili edlule kwashintshwa izindawo ngenxa ye-Covid-19.

Imibiko iveza ukuthi i-Uefa ibilindele ukwehla kwesimo, kodwa ukuhlasela kwe-Russia ngoLwesine kuphoqe isandla sesigungu esilawulayo.

Nakuba kungekho isiqiniseko esivela kwi-Uefa ngokususwa kwemidlalo yamanqamu, umbiko we-The Independent uthe kuyiqiniso ukuthi imidlalo yamanqamu izosuswa njengoba i-Uefa ibona uhlelo oluphuthumayo lubalulekile.”

I-Uefa ibhekene nengwadla selokhu i-Russia yasabisa ngokuhlasela i-Ukraine, njengoba inxusa ibhodi elibusayo ukuthi lihoxise ubudlelwano bayo ne-Gazrpom, okuyinkampani yase-Russia ephethwe ngabaningi.

Umthombo wesithombe : @TheGuardian

Scrolla World Cup Quiz