
Kusukela emibikweni ka-Aurelien Tchouameni kuya kwi-Real Madrid osekwenzekile kuze kufike ekuthutheni kukaBukayo Saka aye e-Manchester City kanti naMakhosi afuna imali eningi ukuze athenge umgadli.
E-Europe
I-Real Madrid izoholela umdlali wasesiswini uTchouameni ngemali elinganiselwa ku-R1.6 billion kwi-AS Monaco.
Ikusasa lalo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala libe sematheni ngemuva kwesizini enhle kwi-Ligue 1 futhi uma kukholakala imibiko ompetha base-Europe bazoletha lo mdlali e-Spain ngenkontileka yeminyaka emihlanu.
I-Arsenal kufanele yesabe ukuthi kungenzeka ilahlekelwe umdlali wayo ongumpetha wase-England uSaka kompetha be-Premier League njengoba i-Daily Mail ibike ukuthi iqembu likaPep Guardiola likhuphule intshisekelo yalo kulo mdlali oneminyaka engu-20.
Okugqamile ngasohlangothini lwase-North London umdlali wasesiswini we-Leicester City uYouri Tielemans okungenzeka abhekwe i-Arsenal.
Lo mdlali wase-Belgium uchithe iminyaka emithathu edlalela i-Leicester kanti useshaye amagoli angu-18 futhi uthe ngesikhathi esemsebenzini wamazwe omhlaba ukuhamba akusiyona inkinga”.
I-Uefa Nations League eqhubekayo ingase inikeze amaqembu ase-Europe amathuba amakhulu okuhlola uma kucatshangelwa ukuthi abaphathi bafake amaqembu abo angcono kakhulu emlenzeni walo mqhudelwano.
Umdlali oyedwa okusobala ukuthi ubhekwe i-Manchester United ne-Tottenham Hotspur angaba ngumdlali wakudala we-Spurs uChristian Eriksen.
Lo mdlali wase-Dane usebuyile emdlalweni wamazwe omhlaba okokuqala ngqa selokhu aphathwa isifo senhliziyo e-European Championships ngonyaka odlule kanye nokubuyela eqenjini elikhulu lesithupha le-Premier League i-North London okungenzeka kube semakhadini ngokusho kwe-Daily Express.
Njengoba i-Spurs ilindele abadlali abasha umdlali weqembu uSteven Bergwijn ubhekwe ngamaqembu amaningi. Imibiko eminingi ithi intengo yalo mdlali wasesiswini isibekiwe kanti i-Everton imbhekile kulandela ukusinda kwayo kwi-Premier League ngesizini edlule.
ENingizimu Afrika
Ezindabeni zakuleli i-Kaizer Chiefs inyakaza emakethe yokuhwebelana ngabadlali njengoba ibheke ukuvala isikhala esivuleke ngokudedelwa kwabadlali bayo abayisishiyagalolunye kanti ngokubika kwe-Goal Amakhosi abheke ukuletha umgadli omusha.
Abadlali abathathu abaphethwe nguMike Makaab we-Prosport International babhekwe ngabomvu njengoba kuthiwa umgadli wase-Cameroon uFranck Mbell Etouga ungomunye wabo.
Nokho uMakaab unqabile ukudalula ukuthi bangobani abadlali ababhekiwe etshela i-Diski Times yize engeke agcine nje ngokuthola umgadli waseNtshonalanga Afrika kodwa wathi ukhona omunye umgadli wase-Afrika ogijima kwi-Kaizer Chiefs”.
Omunye wabadlali be-Chiefs oseke waba sematheni muva nje nguDumisani Zuma. Njengoba AmaZulu ephuma phambili ngokusayinisa lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala i-KickOff isibike ukuthi i-Royal AM nayo iyamfuna lo mgadli owazalelwa eMgungundlovu.
“Khumbula i-Royal AM naMaZulu ngamaqembu amakhulu asebenzisa imali e-KZN. Inkinga ukuthi kwesinye isikhathi bathola isivumelwano nomdlali ekuqaleni. Kodwa izinto zingajika ekugcineni,” kusho umthombo utshela i-KickOff.
“I-Royal AM izoqhudelana e-Afrika nangesizini ezayo ngakho-ke bazimisele ukukhokha imali eningi.”